Ibungaze ubusuku bonke iMeya entsha yakwaNongoma

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Isuse umsindo iMeya esanda kuqokwa KwaNongoma ngoLwesihlanu ngesikhathi ichitha ubusuku bonke nomndeni wayo bezulazula ngezimoto zombuso zikhanyise amalambu ahlaza kubungazwa ukuthi usengumhlonishwa.

UMshangane Ndabandaba we-National Freedom Party ubegubha ukuqokwa kwakhe njengemeya entsha kamasipala ngemuva kokuthi ehlubuke kumakadebona wezepolitiki we-IFP, u-Albert Mngcwango wamketula esihlalweni sobumeya.

Umndeni kaNdabandaba ubugcwele intokozo ukikiza ngesikhathi uhamba ngezimoto zomkhandlu i-Toyota Prado ne-Toyota Fortuner

Omunye wabahlali uthe abazange balale kuze kwasa ngoMgqibelo ngenxa yemikhosi nokucula.

“Ngiqale ngacabanga ukuthi uzithengile lezi zimoto kodwa ngabona ngokuhamba kwesikhathi ukuthi izimoto zikamasipala ngoba zishayelwa ngonogada. Bebelokhu bekhanyisa amalambu aluhlaza bekikiza,” usho kanje.

Omunye umakhelwane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi: “Ngeke ngiqambe amanga. Bekumnandi.”

Umkhuba wosopolitiki baKwaZulu-Natal wokubungaza kanye nemindeni yabo uqale ngo-2017 ngesikhathi lowo owayeyiMeya ye-IFP, eNquthu uMnuz Mabilabila Kunene ethatha iketango lobumeya eliyisa esibayeni sakubo wayobikela amadlozi ukuthi useyimeya ewakhombisa iketango.

Waze wahlaba inkomo ukuze aqinisekise ukuthi amadlozi agubha naye, amalungu omndeni wakhe kanye nomphakathi.

Ngo-2021, iMeya yaseMhlathuze yangaleso sikhathi uDkt Nkosiyakhe Donda we-IFP naye wasusa umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi ethatha uphiko lwezimoto zamaphoyisa kamasipala waseMhlathuze, ehambisana nezimoto zamaphoyisa oMkhandlu waseMhlathuze ezikhanyisa amalambu ahlaza ziqonde emtholampilo wendawo. 

Kwaba nokumangala kumkakhe owayesebenza emtholampilo njengomhlengikazi njengoba washayela elibangise khona ezomkhombisa ukuthi uqokwe njengemeya. Bajabula nozakwabo bomkakhe.

Umgubho kaNdabandaba uza ngemuva kwezinxushunxushu eziqubuke ngoLwesihlanu ekuseni ngesikhathi kunomhlangano womkhandlu omqoke njengemeya entsha yaKwaNongoma kanye noSomlomo we-ANC omusha uBabongile Sithole nePhini leMeya ye-EFF uThemba Nkosi.

Umhlangano uqale ngengxabano phakathi kwamaphoyisa namanye amakhansela abefuna ukungena egunjini lomkhandlu kodwa avinjwa.

Esithombeni esingenhla: Imeya entsha yakwaNongoma uMshangane Ndabandaba

Umthombo wesithombe:Sithunyelwe

Izihloko zakamuva