Menzi Magubane
I-Confederation of African Football (CAF) ikuqinisekisile ukuthi i-Zimbabwe ne-Kenya ngeke babe yingxenye yemidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) yango-2023.
Lokhu kusho ukuthi i-Bafana izodlala ne-Morocco kanye ne-Libya kuphela kweyokuhlunga kanti ezikaHugo Broos sezinendlela elula kakhulu yokuhlungela lo mqhudelwano.
I-Zimbabwe ne-Kenya basalwa eyokuvinjwa kwabo i-Fifa kanti akumelanga bangenele imiqhudelwano yebhola lamazwe ngamazwe.
Womabili la mazwe afakwe i-CAF emqhudelwaneni we-Afcon wangonyaka ozayo ngenyanga edlule eGoli kodwa i-Fifa yakuchitha lokho.
I-Zimbabwe ibiqhathwe neBafana Bafana, i-Libya iqhathwe ne-Morocco ku-Group K.
IBafana yagcina ukudlala kwi-Afcon ngo-2019 e-Egypt. IBafana ayizange ingene kwi-Afcon ebise-Cameroon ekuqaleni konyaka.
Baphinde bahluleka ukuhlungela ukudlala kwiNdebe yoMhlaba ye-Fifa yalo nyaka ezoba e-Qatar ngoLwezi.
IBafana ihlulwe yi-Ghana engene kulo mqhudelwano ngemuva kokuhlula i-Nigeria kuma-play-offs.
UBroos nabafana bakhe bazoqala imidlalo yokuhlungela umqhudelwano ekuqaleni kwenyanga ezayo uma sebebhekene nabase-Morocco.
Izokhula ingcindezi kuBroos uma ehluleka ukubaholela kwi-Afcon. Abalandeli beBafana ngeke bakwamukele kalula uma uBroos nabadlali bakhe behluleka ukuphinde bangene kulo mqhudelwano ikakhulukazi ngemuva kokukhishwa kwe-Zimbabwe.
Ukuyisa iBafana kwi-Afcon ngenye yezinhloso zikaBroos asexoxisane ngazo ne-South African Football Association – enye eyokuyisa iqembu kwiNdebe yoMhlaba elandelayo.
Umthombo wesithombe: @eNCA