Lubhalwe nguMichael Madyira
IMurumo Gallants ibiphethe abaqeqeshi abathathu kulesizini okubalwa uRomain Folz, uDan Malesela noRaymond Mdaka.
Omunye umphathi uDylan Kerr naye ubajoyinile, yize kade engusomaqhinga ngesikhathi iqembu lase-Limpopolizobhekana namaqembu ahlukahlukene naxubile ekhaya nase-Afrika.
Kulandela umkhankaso obushubile we-CAF Confederation Cup lapho leli qembu lifinyelele kowandulela owamanqamu, ngebhadi izinto azibahambelanga kahle njengoba bephumile kwi-Premier Soccer League.
Bahlulwe iSwallows FC ngamagoli amabili eqandeni ngoMgqibelo ngemuva kokukhishwa ku-Confederation Cup ezinsukwini ezintathu ezedlule.
Ukuphela kwesizini yabo kube nzima njengoba behlulwe emidlalweni emine badlala ngokulingana emidlalweni yabo emihlanu yokugcina kuyo yonke imiqhudelwano.
Ukuphuma kweGallants kwenzeke kungazelelwe futhi kwenzeke ngemuva kokukhipha ngendlela emangalisayo ama-Pyramids ku-Confederation Cup kuma-quarter-final.
“Besisanda kuhlulwa kanti sizophinde sishaywe izembe,” kusho uMdaka ngokwe-SABC Sport.
“Ngeke ngisho ukuthi kunomehluko endleleni esidlale ngayo lapha nendlela esidlale ngayo kwi-CAF Confederation Cup.”
“Asikaze sithi sigxile kulokhu futhi siyakushiya lokhu. Njengoba kwenzeke ngalendlela asisoli lutho ngoba sidlale eminye imidlalo futhi sakwazi ukunqoba.”
Yize lidonsa kanzima ukuze lingangeni esigabeni sokugawulwa izembe, leli yiqembu eselidlale imidlalo eyisishiyagalombili ilandelana ye-PSL ngaphandle kokunambitha ukuhlulwa phakathi kokuphela kukaMasingana nasekuqaleni kukaNhlaba.
Ngisho nomgadli wabo oyedwa, uRanga Chivaviro uke wagijima ku-PSL Golden Boot ehlohla amagoli ayishumi kanti amabili ashawa ngabagadli abahamba phambili uPeter Shalulile noKhanyisa Mayo.
UChivaviro usehlohle amagoli ayisikhombisa okumenza kube nguye osashaye amaningi ku-Confederation Cup.
“Okubuhlungu ukuthi sihlulwe iSwallows esimweni lapho obekudingeka sizakhele igama ku-PSL,” kusho uMdaka.
“Siphatheke kabi kakhulu ngalokho. Besingakaze sikulindele nakancane njengoba besiphakathi kwamaqembu amathathu abelwela ukungaphumi, kodwa akuzange kungene emiqondweni yethu ukuthi sizozithola sikulesi simo.”
Idlanzana labadlali beGallants bamataniswa nokuya kwamanye amaqembu e-PSL nokungase kube nzima ukulwela ukubuyela kuligi ephezulu.
Isithombe esingenhla: Abadlali beMarumo Gallants uLesiba Nku noLucky Mohomi
Umthombo wesithombe: IMarumo Gallants