Lubhalwe nguRazeen Gutta
Igoli elishaywe nguKaoru Mitoma ngomzuzu wokugcina ngaphambi kokuba kuphele umdlalo lifake i-Brighton emzuliswaneni wesihlanu weNdebe ye-FA iguqisa ompetha i-Liverpool ngo 2-1 koweFA Cup.
UJurgen Klopp uye waqina ngohlelo lwakhe futhi izinto zibukeke zihamba kahle ngesikhathi uHarvey Elliott eshaya igoli elenze i-Liverpool yahamba phambili phambi kwesigamu sehora.
Ukushaya kwakhe igoli kumenze waba ngosemncane oshaye into ecokeme esigabeni esiphezulu eNgilandi kule sizini ngamagoli amahlanu. Futhi naphezu kwezikhalo eziyimpikiswano ze-VAR igoli liphakamise abalandeli abavakashile.
Bekukuhle kakhulu ukuthi kuba iqiniso, futhi iBrighton ithole igoli sekwephezile ngegoli likaLewis Dunk olinganise amagoli ngaphambi kwekhefu.
Naphezu kwezinguquko ezintathu umdlalo usadlalwe ihora i-Liverpool ibibukeka ingekho efomini. Ohlangothini lukaRoberto De Zerbi izinto bezihamba kahle.
I-Brighton ivikele kahle ukuqinisekisa ukuthi ayihlulwa kodwa iphinde yadlulela phambili ngesikhathi izama ukuthola igoli ebelizoyenza ihambe phambili. Futhi sekwephuzile kube ukuwina kwesibili kwe-Liverpool ezinsukwini ezingu-15.
UMitoma ushaye igoli noma usizile emidlalweni eyisishiyagalombili yokugcina kwengu–11 kwi-Seagulls; futhi ukudlala kahle kwakhe emizuzwini engu-93 bekwanele ukuthi ashukumise inkundla yezemidlalo i-Amex.
I-Brighton ibidlala ngaphandle komdlali wasesiswini uMoises Caicedo oshiywe ngaphandle eqenjini kulandela isicelo sakhe esidlangalaleni sokuthi avunyelwe ukushiya iqembu ukuze ajoyine i-Arsenal. Ukungabi khona kwakhe akuzange kube namehluko njengoba I-Brighton iqede ithemba le-Liverpool lokubamba le ndebe.
Kwi-Liverpool izinto zibonakale ziba zimbi kakhulu.
Ukuphuma kuyo yomibili imiqhudelwano yezindebe okuhambisana nokuba ngowesishiyagalolunye etafuleni le-Premier League akuyona into uKlopp abeyifuna.
Ngokulandelayo bazobhekana ne-Wolves koweligi e-Molineux ngoMgqibelo kanti i-Brighton izodudulana ne-Bournemouth.
Esithombeni esingenhla: UKaoru Mitoma
Umthombo wesithombe: @BRFootball