IBrazil ivalelisa  kuPelé 

I-Brazil izovalelisa  isihlabani sebhola likanobhutshuzwayo uPelé kuleli sonto emcimbini ozothatha amahora angu-24 enkundleni yezemidlalo i-Santos.

Lelizwe lase-South America lisesikhathini sokuzila ngemuva kokushona kwalesi sihlabani sebhola (82) ngoLwesine ngemuva kokuxinwa umdlavuza.

Manje isizwe sesizovalelisa okokugcina kumdlali owine izindebe zoMhlaba ezintathu enkundleni yezemidlalo i-Santos e-Brazil lapho achithe khona ingxenye enkulu yempilo yakhe.

Amasango enkundleni yezemidlalo i-Santos lapho uPelé achitha khona isikhathi esiningi somsebenzi wakhe, avulwe ngehora leshumi ekuseni ngoMsombuluko ukuvumela izinkulungwane zabalandeli ukuzobona ibhokisi lomngcwabo elibekwe phakathi nenkundla.

Inkundla yezemidlalo i-Vila Belmiro imumatha abantu abangu-16,000 kodwa kufike abantu abangaphezu kwalesi sibalo bezobhonga emswaneni.

Ukuze kuvunyelwe abantu abaningi enkundleni yezemidlalo amasango azohlala evuliwe kuze kube ihora leshumi ekuseni ngoLwesibili.

Ngemuva kwezinqubo ezisemthethweni kuzoba nombukiso emigwaqeni yase-Santos bese udlula emzini kanina kaPelé.

Selokhu  edlule emhlabeni ngeledlule, abaningi bashiye izimbali kwisibunjwamuntu salo salenkakha kuleli dolobha. Izinqwembe nezithombe zibekwe eduze kwedolobha ukuhlonipha lesi sihlabani sebhola.

Njengoba abantu beqhubeka nokuletha amazwi enduduzo kanye nenhlonipho kuPelé, ezokuphepha zizoqiniswa kulo lonke idolobha njengoba kulindeleke ukuthi kufike inqwaba yezicukuthwane.

UPelé uhlonishwe ngokuthula isikhashana ngaphambi kwemidlalo yeligi yasekhaya, hhayi e-Brazil kuphela kodwa ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Kokubili esigabeni sokuqala samaNgisi nesakuleli, abadlali bathula umzuzu owodwa futhi bagqoka amabhande amnyama ukuhlonipha le ngqalabutho yase-Brazil.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Esithombeni esingenhla: UPelé

Umthombo wesithombe: Stadium Astro

Izihloko zakamuva