IBloemfontein Celtic ibhekene nenhlawulo enzima yokuncishiselwa amaphuzu ayi-10

Dylan Bettencourt

IBloemfontein Celtic ingahle incishiselwe amaphuzu ngenxa yombango wenkontileka yezigidi ezi-R3 nowayengunozinti uPatrick Tignyemb.

Inkontileka kanozinti wase-Cameroon inqanyulwe ngo-2019 kodwa uTignyemb wabona ukuthi waxoshwa ngokungafanele.

Uye kwi-FIFA ngesimangalo sakhe wafuna ukuthi iCeltic ijeziswe ngokunganikezi unozinti isinxephezelo ngokunqamula inkontileka yakhe.

I-FIFA isivele isiyijezisile iCeltic njengoba yanikwa isigwebo sonyaka owodwa sokuthi ingakwazi ukubolekisa ngabadlali ngenxa yombango wenkontileka, futhi yayalelwa ukuthi ikhokhele uTignyemb izigidi ezi-R3 zesinxephezelo.

Esinye isijeziso kungahle kube ukuncishiselwa amaphuzu aphelele ayi-10 ku-DStv Premiership.

I-Activity Chambers, okuyinkampani yezomthetho emele uTignyemb, inikeze umqulu wokuthi iklayenti labo alikakhokhelwa.

“Sifisa ukukwazisa ukuthi lowo okweletayo usishaye indiva isinqumo se-FIFA ngamehlo abomvu futhi akazange akhokhe ngisho indibilishi yesinqumo,” kusho lo mbhalo.

Uma iCeltic ingancishiselwa amaphuzu, izowela endaweni yokugcina kuligi. Njengoba sekusele imidlalo emine kuphela, lokhu kuzodala inkinga enkulu eqenjini ngoba kungenzeka bazithole behliselwa esigabeni sesibili sebhola laseNingizimu Afrika.

Umthombo wesithombe: @Goal

Izihloko zakamuva