Ibithola izinsongo zokubulawa induna esocongiwe

Lungani Zungu

Induna uMaphemba Cuphisa Ntuli uye wathunyelelwa inqwaba yezinsongo zokubulawa ngaphambi kokuthi adutshulwe ngoMgqibelo.

Umsuka wezinsongo useyindida njengoba amaphoyisa ephenya ngokubulawa kwakhe.

Umfowabo uMnu Bhekinkosi Ntuli, uthe induna imtshele ngenyanga edlule ukuthi ithole izingcingo ezisolisayo zenombolo efihliwe zimsabisa ngokuthi uzobulawa.

UBhekinkosi uthi utshele umfowabo ukuthi abikele uMkhandlu Osuthu ngaphansi kweSilo uMisuzulu KaZwelithini KwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal.

UBhekinkosi uchaze uNtuli, obesondelene kakhulu neSilo esakhothama uGoodwill Zwelithini njengendoda ebizithobile kodwa enesandla esiqinile.

“Ubengumuntu ongezwani nento ebhedayo futhi ubehlezi efuna izinto zenziwe ngendlela. Ngizobukhumbula ubuqhawe bakhe, futhi ngiyethemba ukuthi bazokhokha ngobuhlungu abasizwise bona,” kusho uBhekinkosi ekhala.

Okhulumela iNdlunkulu kaZulu uMntwana uThulani Zulu unxuse abantu ukuthi bangahlanganisi ukubulawa kwabantu nombango wesihlalo sobukhosi phakathi kukaMntwana uSimakade neSilo uMisuzulu.

Ukubulawa kukaNtuli kuza ngesikhathi uMkhandlu Osuthu Traditional Council ubhekene nengwadla yokushona kukaSihlalo wawo uDkt Dumisani Khumalo (76).

UKhumalo udutshulwe washona ngesikhathi ehambele umkhosi womhlanga esigodlweni saseNyonkeni KwaNongoma.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMnu Sihle Zikalala unxuse amaphoyisa ukuthi abophe abaphehla ukubulawa kwabantu ngesihluku.

“Sicela ukuthi kwehle umoya kunikezwe abomthetho indawo abayidingayo ukuze baphenye ngalezi zigameko zokubulala nokuthi abophe abathintekayo,” kusho uZikalala.

Yize abaholi bendabuko bebhekene nezingqinamba eziningi, uNtuli usebenze ngokuzimisela endaweni yangakubo eMhambume KwaNongoma,” kusho uZikalala.

Ubambano Lwezinduna okuyinhlangano emele izinduna, ithe uNtuli uyinduna yesi-50 ebulewe KwaZulu-Natal kusukela ngo-2019.

UNtuli ushiye emhlabeni umkakhe kanye nezingane.

Imininingwane yomngcwabo isazomenyezelwa.

Isithombe esingenhla: Induna uCuphisa Ntuli

Izihloko zakamuva