IBig Nuz ne-albamu yayo entsha

Lubhalwe nguLinda Ximba

Abathandi bomculo weBig Nuz eqhamuka eThekwini sebelindele ngabomvu i-Albhamu entsha yaleli qembu ehlelelwe ukuphuma namhlanje.

UMampintsha weqembu eladuma ngengoma ethi Umlilo, uthe le albhamu ngeyokuhlonipha ilungu labo uR Mashesha owashona ngo-2015 ngenxa yokugula.

Ngemuva kokudlula emhlabeni kukaR Mashesha bekunovalo kubalandeli babo ngokuthi leli qembu lizoshabalala. Bobabili uMampintsha ogama lakhe langempela uMandla Maphumulo, noDanger uMzi Ntshomela basungule awabo amalebuli okuqopha omculo. 

Laba bobabili baqale amaphrojekthi kanye nokusebenzisana okwenza kube nokuqagela ukuthi iBig Nuz isiyinto yesikhathi esedlule. Kodwa kuleli sonto leli qembu limemezele ukuthi lisabumbene.

Ngesonto eledlule leli qembu lisuse umsindo ngesikhathi likhipha ingoma enesihloko esithi “Ngeke” kuma-iTunes nakwezinye izinkundla.

“Sesiside isikhathi abalandeli bethu besinxusa ukuthi siqophe njengeBig Nuz ngoba bethi bayasikhumbula isitayela sethu kanye nomculo wethu,” kusho uMampintsha.

“Silinde isikhathi esifanele ngokunikezela i-albhamu kumfowethu uR Mashesha obehlale eqhamuka nento ezoshisa izikhotha futhi engumqambi  wezingoma osezingeni eliphezulu. Sikholwa ukuthi uzojabula ngalokhu esikwenzayo.”

Uthe ngaphambi kokuthi ashone uR Mashesha ubenezingoma ezingakakhishwa okuhloswe ukuthi zisetshenziswe kuma-albhamu aleli qembu.

“Kodwa wasishiya singakawuboni umsebenzi wakhe omkhulu. Hhayi-ke abalandeli bazowuzwa umsindo ayesebenza phezu kwawo ngaphambi kokuthi asishiye.”

Kule albhamu iBig Nuz iphethe amawele akwaQwabe, uMasandi, uMdumazi, uBabes Wodumo, uCosta Dollar, i-The Gift noFey. Baphinde bahlangana nomdidiyeli osezingeni eliphezulu kanye nonjiniyela womsindo uDJ Fisherman.

IBig Nuz eyakhiwe ngamalungu elokishi laseMlazi eThekwini yasungulwa ngo-2003 yase iduma ngezingoma ezithi “Umlilo”, “Ntombenhle”, “Serious” nethi “Inazo” yanqoba izindondo eziningi.

Isithombe esingenhla ngeseBig Nuz

Umthombo wesithombe: Daily Sun

Scrolla World Cup Quiz