Razeen Gutta
I-Villarreal ithuse abaningi ishaya iBayern Munich kowe-UEFA Champions League ngesikhathi i-Real Madrid iguqisa ompetha iChelsea.
Iqembu lika-Unai Emery, iVillarreal lenze into ebingalindelekile lishaya izingwazi zebhola ezisatshwa umhlaba wonke.
I-Villarreal ebipake ibhasi ingafuni ukungenelwa goli phezu kokuba iBayern ibiphethe u-70% womdlalo.
Khonamanjalo e-Bernabeu, ompetha be-Champions League, i-Chelsea baphumile kulemidlalo ngemuva kokushaywa iReal Madrid ngo 5-4, uma sekuhlanganiswe amagoli emilenze yombili yemidlalo. Emdlalweni wayizolo, iChelsea ibinqobe ngo 3-2 kodwa lokho kwangayisiza njengoba emdlalweni wokuqala yaguqa ngo 3-1.
I-Real Madrid izodlala nomakhelwane bayo i-Atletico Madrid noma i-Manchester City kowokuqala owandulela owamanqamu kanti i-Villarreal izobhekana ne-Liverpool noma i-Benfica.