Ibhuntshile imizamo ka-Omotoso yokuthi kuqulwe kabusha icala lakhe

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

INkantolo eNkulu yase-Gqeberha iphinde yasichitha isicelo sokuqulwa kabusha kwecala likamfundisi wase-Nigeria uTimothy Omotoso (63) kanye nasolwa nabo ababili, uLusanda Sulani (40), noZukiswa Sitho (33).

Ummeli ka-Omotoso uPeter Daubermann ucele iJaji u-Irma Schoeman ukuthi libuyekeze isinqumo salo sangaphambilini mayelana nesicelo sokuqulwa kabusha kwecala ekuqaleni kukaMasingana.

UDaubermann uveze ukuthi amakhasimende akhe abekwe icala ngokungafanele futhi awazange aquliswe icala ngendlela efanele. U-Omotoso ubekwe icala lokushushumbisa abantu, ukudlwengula nokuhlukumeza ngokocansi. Abasolwa ababili aboshwe nabo babhekene namacala ahlobene nezinsolo zokuqasha amantombazane ukuze axhashazwe ngokocansi.

UDaubermann uphinde waveza ukuthi omunye wofakazi waqamba amanga wathi umshushisi wombuso, uMnuz Nceba Ntelwa, waphoqa ofakazi ecaleni lokuqala ukuba basenge ezimithiyo phambi kwenkantolo. Icala lokuqala lahoxiswa ngo-2019 ngesikhathi ijaji lihoxa.

NgoLwesibili, uSchoeman usichithile isicelo sikaDaubermann sokuqulwa kabusha kwecala kodwa wayalela ukuthi ukuziphatha kwalowo owayengumshushisi nabaphathi bakhe kuzofakelwa izibuko ekupheleni kwecala.

Ubeke usuku lukamhlaka-24 kuNhlangulana kuya kumhlaka-5 kuNtulikazi ukuze kuqhutshekwe nokuqulwa kwecala elisematheni.

U-Omotoso, ongumholi webandla i-Jesus Dominion International Church ugcinwe esitokisini. USulani noSitho bangaphandle ngebheyili.

Okhulumela i-National Prosecuting Authority uLuxolo Tyali uthe isinqumo sakamuva sivula indlela yokuthi icala liqhubeke kuze kube sekugcineni.

“Uma udaba selubuyela enkantolo kulindeleke ukuthi abasolwa bazokwethula udaba lwabo uma bekhetha ukuba ofakazi ukuze baziphendulele. 

Abashushisi bazothola ithuba lokuhlola ubufakazi babo ngokubabuza imibuzo,” kusho uTyali.

Ukuqulwa kwecala kube nokubambezeleka okuningi kusukela kwaboshwa u-Omotoso ngoMbasa 2017. 

Ngenxa yokubambezeleka, abanye ofakazi abasafuni ukuqhubeka bethule ubufakazi njengoba bethi sebeqhubekile nempilo yabo abasafuni nokukhuluma ngezigameko ababhekana nazo enkantolo.

Lokhu kuholele ekwehleni kwesibalo samacala.

Abasesithombeni esingenhla: Umshumayeli uTimothy Omotoso, uLusanda Sulani noZukiswa Sitho eNkantolo eNkulu yase-Gqeberha.

Umthombo wesithombe: Anita Dangazele

Izihloko zakamuva