Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Umfana wase-Eastern Cape, uFrans Hendricks (18) ugwetshwe iminyaka engu-25 ngokubulala nengu-22 ngokudlwengula intombazanyana (2) eNkantolo eNkulu yaseMakhanda.
UHendricks wayeneminyaka engu-17 ngesikhathi enza leli cala.
Lesi sigameko senzeka e-Uitkomst Farm KwaNojoli ngesikhathi ingane newele layo bevakashele ugogo nomkhulu.
UHendricks, owayesebenza epulazini eliseduze, wayephuzile nabangani bakhe emzini kagogo nomkhulu ngobusuku bangomhlaka-19 kuLwezi nyakenye.
Ngemuva kokuhamba kulowo muzi, wahlangana nojahidada, waya naye ehlathini eliseduze, wamdlwengula wabe esembulala.
Okhulumela i-National Prosecuting Authority, uLuxolo Tyali, uthe uHendricks ubuyele kubangani bakhe ngemuva kokwenza leli cala wenza sengathi akwenzekanga lutho.
Umkhulu wengane wayibona ingekho ebusuku kodwa wacabanga ukuthi ihlezi kwenye indawo epulazini. Ngesikhathi engatholakali ngakusasa ekuseni, baqale ukumcinga nokuyinto eyaholela ekutholakaleni kwesidumbu sakhe ngemuva kwezinsuku ezimbili.
Ekuvumeni kwakhe icala, uHendricks uye wachaza ukuthi ubulale ingane ngoba ibizokwazi ukumkhomba. Uvumile ukuthi wamshaya ngesigxobo.
Ummeli wombuso u-Adv Heinz Obermeyer wethule ubufakazi bokuhlolwa kwesidumbu obukhombisa unya ngendlela umgilwa ashaywe ngayo.
“Izenzo zikaHendricks zikhombise ukuthi ubengenandaba nempilo yomuntu,” kusho u-Obermeyer.
UMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi e-Eastern Cape, uBarry Madolo, usamukele isigwebo, wathi sibonisa ubunzima becala futhi kuhloswe ngaso ukuthi umndeni kanye nomphakathi bathole ukuthula.
Esithombeni esingenhla: Izinsimbi zasejele.
Umthombo wesithombe: X
