Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Amaphoyisa abophe ibhungu elineminyaka engu-21 elivumile ukuthi libulale usingamama, u-Anna Tshabalala (50), ebelimsola ngokuthakatha.
Isigameko sokubulala senzeke ngoLwesithathu ebusuku e-Nigel, Ekurhuleni.
Umyeni kaTshabalala, uPerma Roos, uthe indodana yakhe isineminyaka isola umkakhe uTshabalala ngokuthakatha futhi kade yayimsabisa.
Ube esemsola kakhulu ngemuva kokushada noRoos ngoZibandlela, ngemuva kweminyaka behlala ndawonye.
Ngesonto eledlule, izithandani zimtshele ukuthi zithuthela endlini yazo entsha yomxhaso futhi ngeke akwazi ukuziphelezela.
Ngemuva kokwenza leli cala, umsolwa uye emaphoyiseni ase-Nigel wafike wazivumela ukwenza icala.
Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa, uRoos uthe uthukile ngesikhathi amaphoyisa emfonela emtshela ngokubulawa kukankosikazi wakhe.
“Kuthe ngimbuza ukuthi wenzeni wangitshela ukuthi umkami uyamthakatha, wathola umuthi endlini yethu yokulala. Ngibe sengiwubheka umuthi, ngawubona ukuthi ngiyawazi.
“Kwakuyikhambi esasizihlanza ngalo ukuze sihlanzeke; alisetshenziselwa ukuthakatha,” usho kanje.
URoos ukholelwa ukuthi indodana yakhe ibithukuthele ngoba bayitshela ukuthi ngeke ikwazi ukuhlala nabo emzini wabo omusha.
“Ubeyisiphazamiso emphakathini futhi bese kuyiminyaka ehlukumeza umkami, ngakho bengingasamfuni eduze kwethu,” kwengeza uRoos.
Okhulumela amaphoyisa ase-Ekurhuleni, uKaputeni Nelda Sekgobela, ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uzinikele emaphoyiseni ase-Nigel ngemuva kwesigameko.
“Ube eseyiswa endaweni yesigameko lapho amaphoyisa athole khona isidumbu sikamufi. Ubekwe icala lokubulala kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Nigel maduze,” kusho Sekgobela.
Esithombeni ngenhla: U-Anna Tshabalala usolwa ngokuthakatha futhi waklinywa waze wafa.
Umthombo: Uthunyelwe