Ibhungu libhekene namacala okuthumba nokubulala izingane ezimbili 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Umsolwa obhekene necala lokuthumba nokubulala izingane ezimbili ezisencane eMpumalanga ubezwana kahle nemindeni yazo, futhi bebemethemba ngezingane zabo.

USiviwe Thulari (18), usize imindeni yomibili ngesikhathi ithungatha izingane zayo ezilahlekile.

Ngesikhathi ubabekazi wenye yezingane ezibulewe embuza ukuthi uzibulaleleni, kuthiwa uphendule ngokuthi wenzele ukuzwisa ubuhlungu imindeni.

UPeaceful Khoza oneminyaka emithathu uduke ngoLwesithathu ntambama edlala nabazala bakhe kubo e-Pienaar, ngase-Mbombela. UThulari kuthiwa ubengumngani omkhulu noyise, uThomas Khoza.

UPeaceful wagcina ukubonakala ephila ngumakhelwane ombone ehamba noThulari, kanti uphenyo lomphakathi luholele ekutholakaleni kwesidumbu sakhe esishile ethuneni elingashoni ngemuva kwendlu yomxhaso engasasebenzi.

Isidumbu sikaJunior Mabandla, oneminyaka eyisithupha, oduke ngasekuqaleni kwenyanga edlule – nobehlala eduze kwendlu yakwaKhoza – simbiwe emathuneni ekuseni ngoLwesine.   Ubengcwatshwe phezu kwesinye isidumbu.

Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa, ubabekazi kaPeaceful, uKhethiwe Khoza, uthe ngesikhathi abantu beqala ukumthungatha umakhelwane wabatshela ukuthi bake bambona noThulari kodwa bebengazitsheli ukuthi angamlimaza.

“Besimphatha njengomunye wethu; besikholelwa ukuthi izingane zethu ziphephile lapho ekhona,” kusho uKhoza.

“Sibe nokukhathazeka ngesikhathi singamtholi sase siqala ukumthungatha. Omunye umakhelwane wasitshela ukuthi umbone eshisa udoti ngemva kwendlu yomxhaso engasasetshenziswa esigcemeni sase-Ncakini.” 

UKhoza uthe umalume kaThulari ukwazile ukumthola kodwa kuthe uma efika ezosiza ngokuthungatha umshana wakhe ubeseshintshe izingubo abonakale ezigqokile phambilini ngesikhathi ehamba noPeaceful.

 “Ngesikhathi sisesha endlini yomxhaso, sibone umaka wezinyawo ezimibili zomuntu omdala nowengane encane.

“Umphakathi waqala ukumphenya ngemibuzo, kuthe sisapequlula egcekeni, sahlonza ingxenye yalapho umhlabathi umbiwe khona, ngaqala ukumba ngezwa ukuthi kukhona okuthile ngaphansi…” kusho ubabekazi.

UKhoza uthe uhlukumezekile futhi uthukuthele ngoba imindeni yabo ibimthembe ngokwanele uThulari futhi bebemvumela ngisho nokuthi angene ezindlini zayo.

“Uyisilwane futhi akakufanele ukuba yingxenye yomphakathi; kumfanele ukulengiswa ezwe ubuhlungu abuzwise izingane ezimbili,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS esifundazweni uColonel Donald Mdhluli ukuqinisekisile ukuthi umsolwa ubekwe amacala amabili okuthumba nelokubulala.

“Usesimweni esibucayi esibhedlela ngemuva kokushaywa wumphakathi futhi ugadwe ngamaphoyisa,” kungeza uMdhluli.

Osesithombeni ngenhla: Peaceful Khoza.

Umthombo: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva