Ibhujiswe umlilo iMmabatho Palms Casino.

Dylan Bettencourt

I-casino endala ebizwa ngeMmabatho Palms Hotel esifundazweni sase-North West, ibhujiswe umlilo ngoLwesithathu ekuseni.

Amaphoyisa endawo aqinisekisile ngomlilo, aphinde athi i-Peermont Walmont Hotel engaphakathi ithintekile, kodwa abakwazanga ukusho imininingwane eminingi.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Sabata Mokgwabone uthe amaphoyisa nabezicishamlilo bebekhona ehhotela.

“Ayikaziwa imbangela yokuqala komlilo nokuthi uqalwe ubani” kusho uBrigadier.

Uthe akekho obikwe ukuthi ulimele.

UNgqongqoshe wezolimo nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya kanye nokubuyiselwa komhlaba uZoleka Capa uvakashele ihhotela ngokusho kwe-News24.

“Umthombo wasehhotela uthe “uyena owokuqala obone umlilo waphumela ngaphandle wamemeza kakhulu ukuze abantu abavakashile bavuke”.

Osanda kuqokwa njengoNdunankulu wase-North West uBushy Maape uthe le ngozi izophazamisa ezokuvakasha esifundazweni sabo.

Okhulumela ihhotela i-Peermont Hotel uNicky Evans uthe ukufika ngokushesha kwezicishamlilo bakwazile ukulawula umlilo ngaphambi kokuba abasebenzi nezivakashi zilimale.

Umlilo owenzeke endaweni yase-Mahikeng uyaphenywa kanti eminye imininingwane ngokwenzekile izodedelwa ngemuva kophenyo.

Le webhusayithi yaseMmabatho Palms Hotel iveze ukuthi ibona abanehhotela le-casino elidala kule ndawo eNingizimu-Africa. Leli hotela lakhiwa ngonyaka wezi-1977.

Umthombo wesithombe: @TheCitizen

Izihloko zakamuva