Ibhola lomnqakiswano laseNingizimu Afrika ligubezelwe ifu elimnyama

Dylan Bettencourt

Iqembu le-South African Netball National Championship ligubezelwe ifu elimnyama ngemuva kokuthi abadlali balo abathathu nesikhulu esisodwa belahlekelwe izimpilo zabo engozini yebhasi.

Iqembu belisendleleni ebheke emqhudelwaneni ngeSonto.

Ibhasi ebelithwele amaqembu amabili ebhola lomnqakiswano liphahlazeke e-Aberdeen e-Eastern Cape ezintatha zangeSonto.

Esitatimendeni i-Netball South Africa ithe bakhungathekile ngalezi zindaba.

“Sithumela amazwi enduduzo ajulile, aqotho futhi asuka enhlizweni emindenini elahlekelwe izihlobo,” kusho uMengameli we-Netball eNingizimu Afrika, uCecilia Molokwane.

Isitatimende sithe bazohlinzeka ngezibuyekezo uma imininingwane edingekayo isitholakale, kodwa banxusa ukuthi imindeni ethintekile inikwe isikhathi sokuzila 

Umqhudelwano obekumele uqale ngoMsombuluko uphinde wabhekana nembibizane ngoMgqibelo ngenkathi ompetha base-Tshwane behoxa ngenxa yabatheleleke  nge-Covid-19 eqenjini labo.

UMolokwane uthe lo mqhudelwano uzoqhubeka njengoba bekuhleliwe naphezu kwenhlekelele nokukhuphuka ngokutheleleka nge-Covid.

“Singabantu bezemidlalo futhi sifuna ukubamba iqhaza. Silungiselela ama-Commonwealth Games angowezi-2022 futhi ngeke sikwazi ukuzifaka engozini yokungadlali kunoma yimuphi umqhudelwano omkhulu,” kusho uMolokwane.

“Uma uhulumeni ethi asiwumise lo mqhudelwano sizokwenza lokho. Okwamanje siyaqhubeka futhi sizothatha izinyathelo zokuphepha njengoba sikhuthaza wonke umuntu ukuthi enze kanjalo.”

Umthombo wesithombe: @SuperSport

Izihloko zakamuva