Ibhola lase-Tunisia ligcwele inkohlakalo

Dylan Bettencourt

Umqeqeshi weqembu lase-Tunisia, u-ES Zarzis Aly Oueremmi, usolwa ngokusenga ezimithiyo ngemuva kokuthi athi ibhola lakuleliyazwe “liqedwa” inkohlakalo.

U-Oueremmi, ophakathi kwehlazo lokuphekwa kwemidlalo, usanda kubona iqembu lakhe lihlehliselwe esigabeni sesibili ngendlela eyindida nangendlela emangalisayo.

I-Zarzis ibibambene ngo 1-1 ne-ES Hammam Sousse. Iqembu lasekhaya belihola ngephuzu ngaphambi kokuthi libonakale livumela izitha ukuthi zithole igoli lokulinganisa.

I-Zarzis yabe esisolwa ngokuvumela iqembu eliphikisayo ukuthi lishaye igoli ukuze lehlisele izimbangi zabo, i-ES Metlaoui phansi.

Unozinti we-Zarzis nomdlali wasemuva kwesokudla bagwetshwe iminyaka emihlanu bahlawuliswa u-R250 000 ngeqhaza labo kulesi sigameko.

“Inkohlakalo iqeda ibhola lase-Tunisia,” kusho u-Oueremmi etshela i-BBC Sport Africa.

“Abukho ubulungiswa noma ithuba elilinganayo ebholeni lase-Tunisia – uma kukhulunywa ngonompempe noma isabelo somdlalo. Kukhona onompempe abathile abajutshelwe okwenza okungalungile ngesikhathi semidlalo. Kukhona onompempe abangenabo ubulungiswa nemiphumela engaqondile.”

Ngesikhathi sidlala ngokulingana ngo 1-1, kuzwakale izingoma ezithi “myeke ashaye igoli” ezihlweleni ngaphambi kokuthi uMossab Sassi ophuma kwi-Hammam Sousse agijime enkundleni engamakiwe azoshaya igoli lokulinganisa.

Abalandeli be-Metlaoui bathi i-Zarzis imyeke ngamabomu ukuze kusizakale izimbangi zabo futhi izuthumele esigabeni sesibili ngesikhathi kuqhubeka le nqubo.

Abalandeli abebethukuthele baqale ukubhikisha endaweni, bamisa ukukhiqizwa kwe-phosphate kwenye yezimboni ezinkulu kuleliyazwe.

“Sikhuluma ngehlazo – ukulungiswa komdlalo – futhi lokhu akuhlangene namaqembu kuphela. Lolu uhlelo olukhohlakele,” kusho uMohamed Dinary, ongumqeqeshi we-Metlaoui, etshela isiteshi somsakazo sendawo ngemuva nje komdlalo.

I-Tunisia Football Federation iyalele ukuthi i-Metlaoui ne-Hammam Sousse bedlale umdlalo ukuze banqume ukuthi ngubani ozokwehla.

I-Metlaoui inqabile ukuba yingxenye yomdlalo ohlelelwe uLwesithathu.

“Siyazenqaba lezi zinqumo ezithuthukisiwe futhi siyenqaba ukudlala noma yimuphi umdlalo,” kusho isitatimende se-Metlaoui.

Umthombo wesithombe: @NewFrame

Izihloko zakamuva