Ibhola lase-Afrika lidinga ukuba nomgoqo olawula ukusebenza kwezimali

Ukuze kuthuthukiswe izinga lebhola e-Afrika, i-Confederation of African Football (CAF) kuzodingeka ilandele eminye imigomo kubhala uMenzi Magubane.

Okokuqala nje izinga lebhola ezwenikazi lase-Afrika eminyakeni edlule linyukile, okufakazela lokho indlela amaqembu ase-Afrika adlala ngayo endebeni yomhlaba ye-Fifa e-Qatar.

Kodwa yize kunjalo uMengameli we-CAF, uPatrice Motsepe kuzomele abhekisise umgomo wokusebenzisa imali okuyinto osekunesikhathi yenziwa i-Union of European Football Association (Uefa).

Umgomo i-Financial fair play wethulwa ngo-2009 ukuze uthuthukise ezezimali ebholeni leqembu lase-Europe.

Inhloso ukuvimbela amaqembu ukuthi asebenzise imali engaphezu kwaleyo anayo. Iphinde ihlose ukuvimbela amaqembu ukuthi angangeni ezinkingeni zezimali ezingase ziphazamise ukusebenza kwawo ngekusasa.

Ibhola lase-Afrika lidinga umgomo onjalo futhi uMotsepe nebhodi lakhe banamandla okuwusebenzisa.

Amaqembu amakhulu anamandla ezimali ayabusa uma kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali futhi avule igebe uma kuqhathaniswa namaqembu amancane.

Amaqembu amancane aze angena ezikweletini ezama ukuhambisana namaqembu amakhulu.

Sekukaningi kwenzeka kuleli. Amanye amaqembu asafadabala namanye adayiswa njengeThanda Royal Zulu (ethengwe AmaZulu), i-Ajax Cape Town (ethengwe iCape Town City), iTshakhuma Tsa Madzivhandila (ethengwe iMarumo Gallants), iHighlands Park (ethengwe iTS Galaxy) neBloemfontein Celtic (ethengwe iRoyal AM).

Isilomo seKaizer Chiefs, uBrian Baloyi sasiqinisile ngesikhathi sithi iMamelodi Sundowns isazoqhubeka ibuse ebholeni laseMzansi kuze kube nomthetho oqinile olandelwa iligi olawula ukusetshenziswa kwezimali.

“Akusoze kwaba khona umuntu ozoqhudelana neSundowns uma izinto zisenje,” kusho uBaloyi phambilini.

“ISundowns izoqhubeka nokuwina iligi, kuze kube iPSL isebenzisa umgomo ofana ne-financial fair play kuleli njenge-Uefa futhi akekho ongawina iligi.”

Ewindini lokugcina lokuthengwa  kwabadlali ngoNcwaba, iSundowns isebenzise imali cishe engu-R100 million kanti kungenzeka ukuthi izophinde ibuse uma sekuvulwa iwindi lokuthengwa kwabadlali ngoMasingana.

Osesithombeni esingenhla nguPatrice Motsepe

Umthombo wesithombe: @FARPost

Izihloko zakamuva