Lubhalwe nguMbulelo Baloyi
- Ibhodi lesikole lihlangane nabaphathi benkampani yokudla ngemuva kokutholakala kwezikelemu ekudleni okuphakelwa abafundi.
- Amalungu e-SGB adle ukudla kwesikole ukukhombisa ukuzibophezela kwawo ekulungiseni inkinga.
Isigungu esilawula isikole (SGB) sase-Pietermaritzberg Girls’ High School sincome abafundi ngokukhuluma ngemuva kokuthola kwezikelemu ekudleni kwabo.
Ngokushesha i-SGB yahlangana nabaphathi benkampani ephekayo ngemuva kokutholakala kwezikelemu ekudleni okuthathu kokungu-200 okuphakwe ngoMsombuluko, mhlaka-27 kuMasingana.
“Impilo nokuphepha kwabafundi bethu kubaluleke kakhulu, nathi sisebenza ngokuzikhandla nenkampani ehlinzeka ngokudla, sixhumana ngqo ne-CEO yayo kanye abaphathi abaphezulu,” kusho i-SGB.
Abazali batshele iSGB bathi isikole sinikeze abafundi ukudla okuhlukile nokuphephile ngaso leso sikhathi kutholakale izikelemu ekudleni.
I-SGB ithe inkampani yabo kazwelonke yokudla, ephakela izikole nezibhedlela eziphezulu,
isiqale uphenyo olusezingeni eliphezulu.
Ukukhombisa ukuzethemba kwawo ekulungiseni inkinga, amalungu e-SGB adle isidlo sasekuseni esikoleni ngoLwesibili ngemva kokuba abafundi beye ekilasini.
“Sicele ukuthi abahlengikazi kanye nabeluleki bethu abanolwazi babe khona ukuze bakhulume nabafundi abangamantombazane, uma kunesidingo,” kusho i-SGB.
Ibhodi lincome omama abahlala ngaphakathi esikoleni ngokuthatha isinyathelo ngokushesha ngesikhathi abafundi bekhononda okokuqala, ngemuva kokutshela ibamba likathishanhloko.
Inkampani ephekayo ithembise ukuthi izocobelela isikole okuzovela ophenyweni lwayo.
“Sizolulungisa lolu daba,” kusho i-SGB, yengeza ngokuthi ifuna kulungiswe lesi simo ngokushesha.
Ibhodi liphinde lenze olwalo uphenyo ukuze liqinisekise ukuthi zonke izindaba eziphathelene nokuphepha kokudla zenziwa kahle.
Esithombeni esingenhla: Ukudla kwase-PMB Girls High School.
Umthombo: File
