Dylan Bettencourt
Ilungu ngalinye lebhodi le-Icelandic Football Association (i-IFA) lesulile ngemuva kokusolwa ngokufihla izinsolo zokuhlukumeza ngokocansi ezibhekiswe kuKolbeinn Sigthorsson.
USigthorsson, umdlali wasesiswini weqembu lesizwe lase-Iceland, usolwe ngokuthwebula owesifazane esidlangalaleni endaweni yokucima ukoma ngowezi-2017. Ngemuva kophenyo olude lwamaphoyisa, lo mdlali usabekwe icala.
Kwingxoxo yakhe kumabonadude, usihlalo we-IFA uGudni Bergsson uthe le nhlangano ayikaze ithole izinsolo zokuhlukumeza ngokocansi ezibandakanya noma yimuphi umdlali odlala eqenjini lesizwe.
Kodwa-ke, uBergsson nebhodi behle esikhundleni kamuva futhi bakhipha isitatimende esithi “thina, amalungu ebhodi le-IFA, siyakukholwa futhi sithanda ukuxolisa kuwe”.
Isisulu esisolwa ngokuhlukunyezwa, uTorhildur Gyda Arnadottir, uphumele obala ngezinsolo zakhe.
Umndeni wesisulu uthole impendulo ebuya ku-IFA ngemuva kokuthi ubaba wakhe ethumele i-imeyili kusihlalo mayelana nokwehlela indodakazi yakhe.
U-Arnadottir uthe ubengayilindele impendulo.
“Bengisanda kwenela ngemuva kwengxoxo. Ngizwe sengathi umndeni wami kanye nami sibizwa ngokuthi singabaqambimanga ngenxa yalokho esibhekane nakho nokuthi uBergsson wasithinta ngemuva kwe-imeyili kababa,” lokhu ukusho engxoxweni yakumabonakude.
USigthorsson uxolisile esitatimendeni.
“Ngikuvumile engikwenzile ngathi ngizoxazulula lesi sigameko esasiphakathi kwethu. U-Arnadottir nomngani wakhe bebefuna ukuthi ngixolise ngokubakhokhela,” esho.
“Ngakhokha i-ISK3m (R341,000) enhlanganweni engekho ngaphansi kukahulumeni i-Stígamót ngenhloso yokuhlonipha umsebenzi wabo obalulekile abawenzela abasinde kudlame locansi”.
Kuzokhethwa ibhodi elisha esikhathini seziyinyanga ezizayo ngomhlangano okhethekile wokumemezela amalungu abo amasha.
Umthombo wesithombe: @Visir