Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Ingaphezulu kuka-25 intsha yaseQamangweni, eLusikisiki, e-Eastern Cape, egcine ithole umsebenzi ngemuva kweminyaka ilindile.
UBabini Ndleleni waqala ibhizinisi ngo-2020 walibiza ngokuthi i-Babini J kanye neSons Charcoal Manufacturers enabasebenzi abayisithupha kuphela.
“Ngangisebenza umsebenzi wokuthengisa (salesman) kodwa ngemuva kokubheduka kweCovid-19, sasisele nezinsuku ezine kuphela sisebenza. Ngangingafuni ukuhlala ngingenzi lutho, ngaqala ibhizinisi,” kusho uNdleleni.
“Inhloso yami akukhona nje ukudala amathuba emisebenzi kodwa nokufundisa abantu ukuze bakwazi ukuziqalela amabhizinisi badale namathuba amaningi omsebenzi. Asikwazi ukuqhubeka silindele ukuthi uhulumeni adale amathuba emisebenzi. Sekuyisikhathi sokuthi siphakamisane silwe nokuntuleka kwemisebenzi,” kusho uNdleleni.
Namuhla uqashe amadoda angu-22 nabesifazane abayisishiyagalolunye.
“Ngibonga ukungeseka kwawo wonke umuntu. Ibhizinisi liyakhula futhi angizisoli ngokuliqala yize bekungelula,” kusho uNdleleni.
Badayisa amalahle angu-4 kg ngo-R40 isikhwama kanti u-5 kg ubiza u-R50.
U-Aviwe Togu ongomunye wabasebenzi, ungumfundi oneziqu ze-Civil engineering owathwala kanzima ekutholeni umsebenzi.
“Ngaqeda ngo-2018. Ngafaka izicelo zemisebenzi eminingi kodwa angibanga nenhlanhla ngaze ngaqashwa nguNdleleni,” kusho uTogu.
“Engikujabulelayo ngaye ukuthi usifundisa zonke izinyathelo ukuze sigcine sizisungulele amabhizinisi. Ngenxa yakhe sesingakwazi ukondla imindeni yethu.”
UTogu uthe bonke abasebenzi bayalibonga leli thuba.
Esithombeni esingenhla: UBabini Ndleleni waseLusikisiki e-Eastern Cape uqale ibhizinisi lamalahle kanti useqashe abantu abangaphezu kuka-20.
Umthombo: Sithunyelwe