
Kamogelo Olaitan
Kuboshwe ikhehla elimhlophe e-Lephalale e-Limpopo ngecala lokudubula izithandani zaboHlanga lizitshele ukuthi lidubula izimvubu.
Umlimi uPiet van Wyk oneminyaka engu-77 kusolakala ukuthi udubule ebhekise kwabashadikazi ngesikhathi bedoba emfuleni i-Mogol ngehora lesibili ezintatha ngoLwesibili.
Owesifazane oneminyaka engu-38 uthole inxeba lokudutshulwa kanti isoka lakhe lakwazi ukucasha.
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uLieutenant Colonel uMamphaswa Seabi uthe umsolwa ushayele amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo lapho abecashe khona.
Owesifazane olimele uphuthunyiswe esibhedlela ukuze athole ukwelashwa.
Amaphoyisa ashaqe izibhamu kumlimi ezimbili ezinkulu, esincane esisodwa kanye nama-airgun amabili ngesikhathi eboshwa.
UKhomishana wamaPhoyisa e-Limpopo uThembi Hadebe usenxuse amalungu omphakathi athintwe ilesi sigameko ukuthi ehlise imimoya futhi anikeze amaphoyisa indawo yokwenza uphenyo.
Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yase-Lephalale ngoLwesine wadedelwa ngebheyili ka-R1 000. Icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-18 kuNhlaba ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo.