Lubhalwe nguRazeen Gutta
Selufikile usuku lweNdebe yoMhlaba ye-Fifa yabesifazane futhi njengoba amazwe amane ase-Afrika engena enkundleni yilaba badlali abalandelayo abahamba phambili okumele ugxile kubo.
IBanyana Banyana izojoyinwa i-Nigeria, i-Morocco ne-Zambia futhi izwekazi elihle lifuna ukugqashula umgoqo wama-quarter-final okokuqala emlandweni.
Refiloe Jane
Ompetha base-Afrika i-Banyana Banyana bazothembela kumdlali wasesiswini uJane njengoba indima yakhe emaphakathi nenkundla yokuvikela ibalulekile eqenjini likaDesiree Ellis.
Ukufika kwakhe kowamanqamu e-Australia kuzokwamukelwa abalandeli be-Down Under njengoba uJane amela i-Canberra United ku-W League ngaphambi kokudlulela e-Italy.
Asisat Oshoala
Obheke igoli lesithathu leNdebe yoMhlaba yabesifazane u-Oshoala wase-Nigeria uyisihlabani esihamba phambili ebholeni lase-Afrika.
Lo mgadli we-Barcelona waphuthelwa i-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) nyakenye kanti uzobe enethemba lokuthi uzohlala ewumqemane njengoba ehlose ikuhlabana ngendondo yesithupha yomdlali ovelele webhola lezinyawo labesifazane e-Afrika.
Ghizlane Chebbak
UChebbak wadlala ku-Wafcon nyakenye ngesikhathi i-Morocco ishaqisa umhlaba ngokuhlungela owamanqamu okokuqala ngqa.
Ukuwina kwakhe i-golden boot kulowo mqhudelwano kumenze waqopha umlando futhi ngokuqinisekile uzoba ngomunye ozobukwa kakhulu e-Australia nase-New Zealand kule nyanga.
Barbra Banda
Lo mdlali (23) wase-Zambia washaya amagoli eyishumi emidlalweni emihlanu ku-Cosafa Cup ngoMandulo.
Ijubane lakhe lizokwenza izimanga kubadlali abaqala imidlalo yeNdebe yoMhlaba njengoba bezobe befuna ukushaya i-counter attack.
Esithombeni esungenhla: Ukaputeni weBanyana Banyana uRefiloe Jane
Umthombo wesithombe: @idiskitimes