Ibhekwe ngabomvu eyebhola lombhoxo ezodlalwa ngoMgqibelo

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo

Abantu abahambe bayothenga inyama nobhiya ukuze balindele imidlalo ye-champagne Rugby ngoMgqibelo.

➤ Ukube lona bekuwumdlalo wesibhakela ngabe ukhokhiswe njengomdlalo wesizini.

I-Western Province kaJohn Dobson ne-Blue Bulls kaJake White izobhekana eKapa ngo-6.30 ntambama kanti abalandeli be-Province babikezela ukuthi leli qembu lizoqhwakela phezulu ku-Currie Cup futhi ngeke lishawe ngobaabanye bathi umfutho ukuma-Bulls.

Abantu kumele balindele abalandeli abaningi bebhola lombhoxo nemidlalo esezingeni eliphezulu. Akekho ongafisa ukuphuthelwa ilemidlalo!

➤ Ungakhohliswa ama-Pumas! Ukuhlulwa kwabo emdlalweni owodwa kuphela nokunqoba kabili kwama-Lions akusho ukuthi abadlali baseGoli ngeke bakwazi ukudonsa ukudlala ngokuzimisela e-Emirates Park ngehora lesihlanu ntambama ngoLwesihlanu.

Ngakolunye uhlangothi, amathuba okuthi i-Cheetahs ingashaywa i-Griffons mancane kakhulu. Ama-Griffons anqobe iNdebe eyodwa ye-Currie Cup, kodwa ama-Cheetahs asethubeni lokuwina iNdebe. Ungalindeli ukuthi ama-Griffons azoshaya i-Cheetahs e-Bloemfontein (ngo-7.05 pm) ngoLwesihlanu.

Ngaphandle komehluko wamaphuzu, ama-Sharks ne-Griquas banezibalo ezifanayo ku-log njengoba sekudlalwa imidlalo eyisikhombisa nokuhlulwa emidlalweni emithathu. Lo mdlalo abazowudlala uwona ozonquma ukuthi ubani ozothola indawo yesithathu ku-log, bazobhekana eThekwini ngo-1.30 ntambama ngoMgqibelo.

Nakuba uNeil Powell ethwele umthwalo onzima ngokungenzi kahle kwamaqembu akhe agcwele izihlabani kuyo yonke imiqhudelwano, umqeqeshi we-Griquas uPieter Bergh usebenza ngalokho anakho ukuthola okungcono kakhulu eqenjini lakhe isonto nesonto. Ewina noma ehlulwa ama-Griquas ahlezi ezokunikeza umdlalo omnandi.

Yonke imidlalo yebhola lombhoxo izokhonjiswa ku-DStv.

➤ Ngokokuqala ngqa kule sizini, i-Arsenal ijaha ukuhola kwi-Premier League eqala nge-London derby ne-Chelsea.

Ngemuva kokuphuma kwe-Manchester City ngamagoli amane kwelilodwa ngoLwesithathu ebusuku, i-Arsenal izithola isendaweni engayijwayele futhi kufanele bajahe isicoco se-Premier League.

Ezingxenyeni ezinkulu zesizini i-Arsenal ibibukeka iphethe iligi, kodwa manje isibhekene nenqwaba yeziNdebe uma ifuna ukuthola isicoco sayo sokuqala eminyakeni engu-19.

Konke kuzoqala ngohambo oluya e-Stamford Bridge lapho bezobhekana khona neqembu le-Chelsea elingakaze liwine selokhu kwaqashwa uFrank Lampard okwesikhashana.

I-Arsenal izongena enkundleni ilindele ukuwina. Ubuhlungu bokuhlulwa i-City ngokungangabazeki leli qembulizongena linomfutho ongabambeki.

Kodwa i-Chelsea noLampard, asikho isikhathi esidlula lesi sokuthi banqobe lo mdlalo futhi kungenzeka kuqede amathemba e-Arsenal okunqoba iligi.

Njengoba kuyimpelasonto ende kuleli, abalandeli bebhola kuzomele balindele uLwesibili ngo-9 ebusuku ukubona imidlalo.

Nokho, iCity ingase ihambe phambili ku-Premier League njengoba izovakashela i-Fulham ngeSonto ntambama.

Ukuwina e-Craven Cottage kuzokwenza uPep Guardiola nezakhe ziphume ngephuzu elilodwa phezulu etafuleni.

Lo mdlalo uzoqala ngehora lesithathu ntambama ngaphambi kokuthi i-Liverpool ibhekane ne-Tottenham Hotspur emjahweni webhola lase-Europe.

Womabili la maqembu adinga ukunqoba uma ezozibeka ethubeni lokungena ebholeni lase-Europe ngesizini ezayo.

URyan Mason uzophatha umdlalo wakhe wesibili we-Spurs ngo-9.30 ngeSonto ebusuku.

Yonke imidlalo ye-Premier League izodlala bukhoma ku-DStv channel 203.

➤ Le impelasonto ehluke kakhulu yomjaho we-Formula 1 elindelwe ngabomvu njengoba i-Azerbaijan Grand Prix izoqala ifomethi yempelasonto ye-Sprint.

Cishe ngemuva kwenyanga ngaphandle kwemijaho ye-F1, i-Grand Prix edolobheni lase-Baku ithatha isitayela esisha.

Ukuhlungela umjaho wangeSonto kuzokwenzeka ngoLwesihlanu ngehora lesithathu ntambama.

Bese kuba nemidlalo yokuhlungela umjaho we-Sprint ngo-10.30 ekuseni ngoMgqibelo ngaphambi komjaho we-Sprint ngo-3.30 ntambama.

Umjaho omkhulu uzoba ngeSonto ngehora lokuqala emini ngemuva kwalokho kulandele inqwaba yemijaho 

Lo mjaho uzokhonjiswa bukhoma ku-DStv channel 215.

Isithombe esingenhla: I-Western Province ibhekene nama-Blue Bulls

Izihloko zakamuva