Menzi Magubane
UMengameli we-Confederation of African Football (CAF) uPatrice Motsepe usekuqinisekisile ukuthi imidlalo ye-CAF Super League izoqhubeka njengoba bekuhlelile ukuthi iqale ngoNcwaba.
Imali abazoyihlumula ngalomqhudelwano izoba ngu-R1.6 billion kanti ozowina uzothola u-R197 million. Lo mqhudelwano uzoba mkhulu emlandweni webhola lase-Afrika kanye nomklomelo wezezimali omkhulu kunayo yonke e-Afrika.
Umqhudelwano wokuqala uzohlanganisa amaqembu angu-24.
UMotsepe uthe i-Super League izosebenzisa le mali ukutshala ososeshini abangamalungu.
“Isinqumo sesithathiwe ukuze kuqalwe i-CAF Super League. Izokwethulwa emhlanganweni ojwayelekile we-CAF 44 e-Tanzania mhla ziyishumi kuNcwaba,” ngokusho kwesitatimende.
“Isamba esikhulu semali evela kwi-CAF Super League izofakwa ebholeni lase-Afrika futhi ingxenye yalolu hlelo ihlela ukunikeza u-R16 million njalo ngonyaka kuzo zonke izinhlangano ezinamalungu angu-54 e-CAF njengomnikelo ebholeni nasekuthuthukisweni kwentsha.
“Sifuna nokunyusa imali yemiklomelo ye-CAF yabesilisa nabesifazane ye-Champions League.”
Izindaba zokutshalwa kwezimali ziqinisekiswe i-CAF.
“Lo mqhudelwano uzosiza umqhudelwano wamaqembu ase-Afrika,” lokho kubhalwe kwisizindalwazi se-CAF.
“Abawinile nababambe iqhaza kwi-African Super League yokuqala bazothola imali eningi yemiklomelo kanti imali ezophuma kulo mqhudelwano izohlanganisa izinkokhelo zobumbano ezinkulu kuzo zonke izinhlangano ezingamalungu e-Caf angu-54.”
I-CAF ithe inhlangano enamalungu angu-54 ivotele ngazwi linye ukuthi iqhubeke nomncintiswano ngesikhathi se-Extra-ordinary General Assembly e-Egypt yangonyaka odlule futhi yanikeza uMengameli kanye nekomidi eliphezulu igunya lokuhola ukuqalwa komqhudelwano.
Njengamanje umklomelo omkhulu otholwa ebholeni e-Afrika owe-Champions League lapho owinile ezohlomula khona ngo-R41 million.
Umthombo wesithombe: @Fifa