Ibhasi iphelelwe udizili kwadingeka abagibeli baqongelele o-R50 ukuqhubeka nohambo

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Abagibeli abebesuka e-Eastern Cape beya eWestern Cape begibele ibhasi lenkampani i-IlulaBus kudingeke ukuthi bahlanganise imali kadizili njengoba kucacile ukuthi awusekho ebhasini ebeselimile.

Ibhasi lisuke eKomani (Queenstown) ngeSonto ngo-6 ntambama kanti bekumele lifike eKapa ngo-6 ekuseni ngoMsombuluko, kodwa abagibeli baze bafika ekhaya ngabo-11 ebusuku ngoMsombuluko.

UNolundi Nqwiliso oneminyaka engu-40 ubudala uthe ngeke aphinde asebenzise i-IlulaBus.

“Ibhasi ivele lama phakathi nomgwaqo eGraaff-Reinet, umshayeli waxhumana nabaphathi bakhe abathembisa ukuthi bazomthumelela imali kadizili kodwa abazange bayithumele imali,” kusho uNgqwiliso.

Ibhasi liphelelwe uphethiloli ngo-6 ntambama ngoMsombuluko, abagibeli bebecabanga ukuthi bazochitha amahora ambalwa belinde kulindwe imali kadizili.

“Emuva kwamahora amabili silindile le mali sanquma ukufaka u-R50 umuntu ngamunye ukuze siqhubeke nohambo lwethu futhi sinethemba lokuthi abanikazi bazoyithumela ngaphandle kwezinkinga,” kusho uNqwiliso.

Kodwa udizili othengwe abagibeli ukukwazi ukubafikisa eBeaufort West ngaphambi kokuthi uphele futhi. Nokho kulokhu inkampani yamabhasi ikwazile ukuthumela umshayeli imali yokuthenga uphethiloli.

Omunye umgibeli unqume ukuyogibela imoto ebidlula ngendlela ngemuva kokuphela kukadizili.

“Angikwazanga ukuzibeka engcupheni yokuphutha emsebenzini ngemva kokuba ibhasi libhajwe okwesibili,” esho. 

“Kube nezikhalo eziningi ngabo. Esikhundleni sokulungisa noma yiziphi izinkinga abanazo, bayaqhubeka nokucekela phansi isithunzi sabo.

“Sibonga abashayeli abasisize ngamanzi. I-IlulaBus idinga ukunakekela abagibeli noma ivele iyeke ukusebenza uma ingazi ukuthi ibaphathe kanjani abagibeli.”

I-IlulaBus iphendule ngokuthi: “Ibhasi elisuke eKomani ngalolo suku beliqashiwe lisebenzela i-IlulaBus.”

Le nkampani ithe iwufakile udizili kanti nenkampani engaphansi kwayo ibuye yabanikeza udizili.

“Umshayeli ukuqinisekisile ukuthi bekunenkinga ngegeji yokukala udizili nokuthi ibingavezi imininingwane eyiyo yize ubufakiwe udizili. Ibikhombisa ukuthi akukho lutho, kanti nesensa ibinenkinga.”

Esithombeni esingenhla: Abagibeli be-IlulaBus abebesuka e-Eastern Cape beya eKapa okudingeke ukuthi baqongelele o-R50 ngamunye ngemuva kokuthi ibhasi abebehamba ngayo iphelelwe udizili bebe sebelukhokhele uhambo.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva