Lungani Zungu
Umfelandawonye ongekho emthethweni phakathi kwe-ANC ne-EFF uyavuthwa futhi usuqalile.
USomlomo we-DA kuMasipala waseGoli uVasco da Gama ukhishwe ngesiphakamiso sokungathenjwa ngoLwesine ekuseni.
Lesi siphakamiso sesekwe nangamanye amaqembu amancane aseGoli okubalwa kuwo i-ATM kanye ne-PAC.
Amavoti amane kuphela ahlukanise abangu-136 abavotele ukuhambisana nesiphakamiso sokukhishwa kwemeya uDa Gama ngesikhathi abangu-132 besiphikisa.
Ukuxoshwa kwakhe sekuvuse umbuzo onzima wokuthi ngabe iMeya kuMasipala waseGoli uMpho Phalatse nguyena obefunwa kakhulu umfelandawonye we-ANC kanye ne-EFF.
Ukhiphe isitatimende ngemuva kokukhishwa kukaDa Gama ephawula ethi “yihlazo elikhulu ukuthi amalungu athile omfelandawonye akhethe ukuvota evumelane nalesi siphakamiso.”
Ngaphandle kokudalula amagama abantu uPhalatse uthe kunezinsolo zokugwazisa ngaphambi kokuvota.
“Lezi zinsolo zizocaciswa ngencwadi efungelwe,” esho.
Nakuba umfelandawonye kuyiwona omsizile ukuthi enyukele esikhundleni sobumeya nyakenye, uPhalatse uthe uhulumeni wamaqembu ahlukene kumele uzihlole.
“IGoli ngeke likwazi ukubuyiselwa enkampanini ebeka izithakazelo zayo kuqala kunezidingo zezakhamizi eziyizigidi eziyisithupha zakulo masipala,” esho.
Manje uMasipala uzokhetha uSomlomo omusha.
Ngesonto eledlule, umholi we-EFF uJulius Malema uthe ubuholi obusha be-ANC eGoli obuholwa uPanyaza Lesufi kanye nobaseKZN obuholwa uSiboniso Duma kade beshela i-EFF.
Lona bekuwumzamo weqembu elibusayo wokufuna ukubuyisela omasipala abalilahlekela kuhulumeni wamaqembu amaningi ezindaweni ezifana nakumasipala waseGoli ngesikhathi sokhetho lohulumeni basekhaya nyakenye.
Umthombo wesithombe: @TheCitizen