Lubhalwe nguRazeen Gutta
Ukuhlulwa kwe-Everton kulandelana kuholele ekutheni ixoshe umqeqeshi wayo uFrank Lampard ngemuva kokuthi aphathe isikhathi esingaphansi konyaka, ngokusho kwemibiko eminingi eNgilandi.
Imibhikisho yabalandeli emelene nomnikazi weqembu uFarhad Moshiri, usihlalo uBill Kenwright kanye nebhodi iqhubekile ngemuva kokuthi iqembu lihlulwe ngo 2-0 libhekene ne-West Ham ngoMgqibelo; futhi indlela eya phambili ekugcineni itholwe yilabo abaphethe.
Kulo mdlalo bekuwukuhlulwa kwe-Everton okwesi-11 emidlalweni engu-14, kanti kuthiwa lowo owayengumdlali weqembu lesizwe laseNgilandi uLampard ukhululiwe emsebenzini wakhe ngoMsombuluko ntambama.
Iqembu lase-Merseyside lisendaweni yesi-19 ohlwini ngemuva kokuqopha amaphuzu alo amabi kunawo wonke angakaze abonwe kulesi sigaba sesizini ye-Premier League.
ULampard (44) wangena esikhundleni sikaRafa Benitez ekupheleni kukaMasingana nyakenye, kanti naphezu kokugcina i-Everton kwiligi ekupheleni komqhudelwano wokugcina imiphumela emibi kule sizini isimenze waxoshwa.
Izinkinga zeqembu phambi kwamapali ziqhubekile ngemuva kweminyaka emibili kulimels uDominic Calvert-Lewin ongumgadli ohamba phambili.
I-Everton isayinise abagadli abafana noDwight McNeil noNeil Maupay kodwa laba ababili bathwale kanzima ukuthola ifomu yabo. Ukuhamba komdlali wase-Brazil obegqoka inombolo yesishiyagalolunye uRicharlison kwenze izinto zaba zimbi kakhulu.
ULampard ungumqeqeshi wesithupha ukuthi axoshwe ezandleni zikaMoshiri osephathe leli qembu iminyaka eyisikhombisa kanti kuthiwa uWayne Rooney uphakathi kwabaqokiwe abazothatha izintambo ngokusho kwe-GOAL.
Esithombeni esingenhla: UFrank Lampard
Umthombo wesithombe: @sportbible