Ibhantshi ligcwale umoya kuMagashule

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

I-ANC isikuqinisekisile ukuxoshwa kobenguNobhala jikelele wayo u-Ace Magashule. 

UMagashule isikhulu esiphezulu se-ANC esixoshwe kuleli qembu elineminyaka engu-111 lasungulwa.

Ngesonto eledlule ikomiti eliqondisa izigwegwe le-ANC limnike isonto lonke ukuthi achaze ukuthi kungani kungamele axoshwe kuleli qembu ngokuzama ukumisa uMengameli uCyril Ramaphosa emsebenzini ngo-2021.

Okhulumela leli qembu uMahlengi Bhengu-Motsiri uthe lowo owayeyisishoshovu se-ANC wehlulekile ukuphendula ekomitini lokuqondisa izigwegwe wathi seziphelile izinsuku eziyisikhombisa abenikwe zona.

UMagashule utholwe enecala lokwephula umthethosisekelo weqembu njengoba engazange anikwe igunya elisemthethweni isigungu esiphezulu sikazwelonke ukumisa uRamaphosa.

Ngesikhathi emiswa uMagashule ubesolwa iKhomishini yokulawulwa kombuso ngezinsolo zokuthinteka enkohlakalweni esukela ku-R250 million wenkontileka yokulungisa uphahla lwezindlu ezazifulelwe ngetsheboya e-Free State.

Le nkontileka yakhishwa ngesikhathi uMagashule enguNdunankulu walesi sifundazwe. Lowo owayengumholi we-ANC uye wabekwa icala kanti ukushushiswa kwakhe kusaqhubeka eNkantolo eNkulu yase-Bloemfontein.

UNobhala-Jikelele we-ANC uFikile Mbalula uthe “ukwehluleka kwakhe ukuxolisa kusho ukungaziphathi kahle.

Lowo owayenguNdunankulu wase-Free State waba nokungaboni ngaso linye noRamaphosa owahlula owayekhethwe uMagashule, uNkosazana Dlamini-Zuma engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC ngo-2017.

UMagashule osondelene kakhulu nowayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma ubonakale ehola iqeqebana elimelene noRamaphosa elizibiza nge-radical economic transformation group ku-ANC.

Ube umholi we-ANC oseqophelweni eliphezulu ukususwa esikhundleni ngesinqumo se-ANC sokuhoxa esiphoqa abaholi be-ANC abathweswe amacala ukuthi bashiye esikhundleni.

Lesi sinqumo ebesiyimpikiswano kube yisu elibalulekile leqeqebana likaRamaphosa lokuqeda abaholi abathintekayo ekuphangweni kwezinkampani zikahulumeni kanye nokuxhashazwa kohlelo lukahulumeni lokuthengwa kwempahla.

Esithombeni esingenhla: U-Ace Magashule

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva