
Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
UGayton McKenzie owaziwa kakhulu ngokubamba iqhaza elikhulu emsebenzini weMeya yaseGoli, uThapelo Amad uhlela ukuvula ihhovisi likaMeya e-Hillbrow.
Ingxenye yezindawo ezikwi-CBD iyisizinda sokushushumbiswa kwezidakamizwa, ukudunwa kwezakhiwo ngabantu abaqhamuka emazweni angaphandle kanye nendawo ekhoselisa izigebengu ezinodlame.
UMcKenzie, naye owake waba isiboshwa uthi ufuna ukwakha isizinda e-Hillbrow ukuze asuse abaqhamuka emazweni angaphandle aphinde alwe nokuntshontshwa kwamakhebula.
“Angisoze nganikeza isiqinisekiso noma isithembiso sokuthi ngeke ngibhekane ngqo nabaqhamuka ngaphandle abakuleli ngokungemthetho uma ngiba iMeya, ningasigcina isikhundla sokuba iMeya ngoba ngizogxila kakhulu ekuntshontshweni kwamakhebuli nokubheka labo abahleli kuleli ngokungemthetho.
“Ngizobaxosha eGoli. Ihhovisi lami lizothuthela e-Hillbrow.”
Umholi we-Patriotic Alliance ukumfelandawonye oholwa i-ANC ne-EFF.
Kodwa usememezele izinhlelo zokusula esikhundleni sokuba iMeya ye-Central Karoo District ukuze ahole idolobha laseGoli elinesabelo mali esingu-R87 billion.
Leli dolobha lisebenzisa imali engaphezu kuka-R100 million ngonyaka ekuvikeleni izinsiza zabo amahora angu-24 eziteshini ezincane futhi lifaka izintambo eziningi ezintshontshwa amasela nsuku zonke.
Umkhankaso kaMcKenzie wokuthola umsebenzi ophambili wedolobha uza ngemuva kwesimemezelo sokuthi i-ActionSA izokwethula isiphakamiso sokungabethembi ubuholi buka-Amad emhlanganweni olandelayo womkhandlu ngomhlaka-25 kuMbasa.
Umholi we-Al Jama-ah ohola idolobha ngamavoti angaphansi kuka-1%, useyibophezele emalini ebolekiwe ka-R9 billion okusobala ukuthi izokwakha idolobha elihlanzekile aphinde akwazi nokusheshisa ukulethwa kwezidingongqangi.
Amanani emikhandlwini asavuna umfelandawonye we-ANC ne-EFF njengoba umfelandawonye wokuqala we-DA, i-ActionSA, i-Freedom Front Plus, Inkatha Freedom Party, i-African Christian Democratic Party kanye ne-Cope usuphinde waba buthaka njengoba i-Congress of the People isivota ne-ANC koMasipala base-Gauteng.
IMeya entsha kungenzeka iqhamuke kumfelandawonye we-ANC ne-EFF noma ngabe u-Amad uchithiwe.
Isithombe esingenhla: UGayton McKenzie
Umthombo wesithombe: @GaytonMc