Ibekwe endaweni ephephile ingwenya etholakale egcekeni lowesifazane 

Ingwenya ebizwa ngoTewa ayizange ikhule ngendlela ejwayelekile. Ihlale engadini yase-Texas amashumi amabili eminyaka ngaphambi kokuba izikhulu zezilwane zasendle zaziswe ngayo. 

Owesifazane oyivolontiya endaweni yokugcina izilwane e-Texas wathatha iqanda lengwenya endaweni eligcinelitholakale egcekeni lowesifazane iboshwe ngamaketango.

“Bekunendawo yokubhukuda encane kanti ingwenya ibikwazi ukucwila nokunyakaza kuphela ngoba le ndawo ibincane kakhulu,” kusho uJen Shugert isikhulu sezindaba e-Texas Parks and Wildlife, etshela i-Insider.

Lona wesifazane uvumile ukuthi weba iqanda lengwenya futhi wayengenazo izimvume ezidingekayo zokugcina uTewa njengesilwane esifuywayo. Ubhekene nenhlawulo efinyelela ku-R20,000.

UJarrod Forthman oyiPhini lomqondisi wendawo egcina izilwane, uthe empeleni lona wesifazane wenze umsebenzi omuhle wokunakekela uTewa.

Kodwa lesi silwane esikhulu esineminyaka engu-20 ubudala manje bese sikhule ngendlela yokuthi akumele sinakekelwe ekhaya.

Owesifazane uzame ukuthola imibhalo efanele edingekayo yokugcina uTewa, kodwa wehluleka yingakho indawo egcina izilwane ithathe isinqumo sokumlanda.

“Ukube asikwazanga ukuyithatha le ngwenya, ibizobulawa. Ingakho sikhethe ukuyinikeza ikhaya,” kusho uForthman.

Owesifazane owantshontsha iqanda utshelwe ukuthi unemvume yokuvakashela uTewa noma nini uma efuna.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: UTewa ingwenya nomngane omusha endaweni okugcinwa kuyo izilwane

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva