Menzi Magubane
IBayern Munich yaba yiqembu lokuqala ngemuva kweBarcelona ngowe-2009 ukunqoba zonke izicoco zasekhaya nezaseYurophu abebencintisana kuzo ngonyaka owodwa.
NgoLwesine ebusuku ama-Barbarians anqobe iFIFA Club World Cup ka-2020.
Ompetha baseYurophu bashaye iTigers UANL yaseMexico ngelilodwa eqandeni kowamanqamu e-Education City Stadium e-Qatar. Kodwa kubathathe kuphela imidlalo emibili ukuthatha isicoco somhlaba.
AmaJalimani aqale ashaya i-Al Ahly kaPitso Mosimane ngamabili eqandeni ngoMsombuluko ukuze afinyelele kowamanqamu. Kepha indlela okwenziwa ngayo kulo mqhudelwano ithole ukugxekwa okuningi – ikakhulukazi indlela amaqembu aseYurophu naseNingizimu yeMelika avunyelwe ngayo ukujoyina lo mqhudelwano ngokuhamba kwesikhathi.
Indlela okuqhutshwa ngayo lo mqhudelwano ifaka amaqembu ayisikhombisa abanga isicoco. Kusuke kungamaqembu anqobe ngalowo nyaka okubalwa i-Asia, iAfrika, iNyakatho yeMelika, iNingizimu yeMelika, i-Oceania naseYurophu, kanye nompetha besizwe abasingatha imidlalo.
Bonke babamba iqhaza emqhudelwaneni oqondile wokukhishwa. Kuba umqhudelwano wompetha bezwe lonke kanye nomdlalo wokulwa nompetha base-Oceania.
Ophumelele ujoyina ompetha base-Asia, eAfrika naseNyakatho yeMelika kuma-quarter-final. Abaphumelele kuma-quarter-final bazoqhubeka nokubhekana nompetha baseYurophu nabaseNingizimu yeMelika, abangena esigabeni sama-semi final, ukuthola indawo kowamanqamu.
Ngaphambi komqhudelwano uMosimane uthe: “Akulungile kwamanye amaqembu ukubona amanye ebekwa phambili. Amaqembu aseYurophu athola ukuphathwa okukhethekile kulo mncintiswano futhi akulungile.”
Kuthathe iBayern ihora ukuthola igoli lokuwina elitholwe nguBenjamin Pavard. Kepha umdlali ovelele emhlabeni jikilele ngonyaka ka-2020 uRobert Lewandowski, uphinde wathola enye indondo enkulu kulo mncintiswano.
Lo mgadli wase-Poland waklonyeliswa njengomdlali odlale kahle kakhulu kulo mqhudelwano ngemuva kokuthola eminye imiklomelo emibili emidlalweni abebhekene nayo ne-Ahly kanye neTigers.
“Besizimisele ngokuwina,” kusho uLewandowski ojabule ku-Fifa.com. “Ngesikhathi sekhefu ngithe sidinga ukufaka amagoli ebhokisini, yaphumelele kanjalo-ke inhloso. Kuhle lokho.”