IBarcelona ingase ijeziswe ngokukhokhela unompempe  

Kusolwa ukuthi i-Barcelona yakhokha imali engaphezu kuka-$1.5 million (u-R27 million) enkampanini yowayengunompempe we-La Liga “ngokuhlaziya” onompempe.

IHhovisi loMshushisi wase-Barcelona liphenya uJosé Maria Enriquez Negreira owayeyiphini likaMengameli wekomiti lezobuchwepheshe lonompempe base-Spain kusukela ngo-1994 kuya ku-2018, ngokusho kwephephabhuku i-Forbes. Imali okusolwa ukuthi yakhokhelwa uNegreira yileli qembu lase-Spain yakhokhwa phakathi kuka-2016 no-2018.

UNegreira nendodana yakhe abangabanikazi benkampani ebizwa ngokuthi i-DASNIL 95 SL bakuphikile ukuthi i-Barcelona yake yathola impatho ekhethekile konompempe, kubika isiteshi somsakazo sase-Spain.

Bathi le mali yakhokhwa ngenxa yomsebenzi wokweluleka ngendlela abadlali okumele baziphathe ngayo uma bebhekene nonompempe.

I-Barcelona ingase ibhekane nesijeziso esinzima njengokwehliswa kwi-La Liga noma ukuphucwa amaphuzu, ngokusho kwe-Forbes. Kusolwa ukuthi izinkokhelo zenzeka ngesikhathi uJosep Bartomeu enguMengameli we-Barcelona.

Yize i-Barcelona ivumile ukuthi ibambisane nezinkampani zangaphandle ukuze ithole ulwazi ngonompempe, ithe akukho okuyiphutha ngolokho, kubika i-Times.

“Sihlezi sibahlaziya onompempe, futhi kudala sikwenza lokho,” kusho umqeqeshi uXavi ngesikhathi ebuzwa ngalo mbiko.

“Sekuyiminyaka eminingi senza njalo; akukho okusha ngalokho. Ngangingekho eqenjini ngaleso sikhathi kodwa kusobala ukuthi ngivikela izintshisekelo zeqembu.”

Ethula ubufakazi phambi kwehhovisi lomshushisi uNegreira uthe imali yakhokhwa ukuze iqembu lithole iseluleko kuye ngalokho abadlali abakwazi ukukwenza noma abangakwazi ukukwenza ngokuthi imuphi unompempe ozophatha emidlalweni ethile.

Esitatimendeni i-Barcelona ithe lokhu umkhuba ojwayelekile ebholeni elikhokhelwayo.

Iqembu lase-Catalan liphinde lathi imininingwane iputshuzwe ngenhloso yokucekela phansi isithunzi salo.

I-Barcelona ithe izobathathela izinyathelo zomthetho “labo abazama ukudicilela phansi isithunzi seqembu ngokufaka izinkulumo eziphikisana nesithunzi salo esihle”.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Esithombeni esingenhla: Inkundla yezemidlalo yase-Barcelona, ​​i-Camp Nou

Umthombo wesithombe: FC Barcelona

Izihloko zakamuva