Linda Ximba
Umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesree Ellis, ujabulile ngokuthi i-Safa ikwazile ukutholela iqembu lakhe elinye iqembu abazobhekana nalo ukuze bazivivinye.
“Sijabule kakhulu njengoba sicele abadlali abaphezulu, i-Safa yakwenza lokho. Lo mdlalo uzobe umkhulu kuthina njenge qembu,” u-Ellis etshela i-safa.net.
Bazobhekana ne-Netherlands ngomhlaka-12 kuMbasa e-Den Haag enkundleni ebizwa nge-Kyocera.
“Lokhu kuyingxenye yamalungiselelo ethu kowe-Awcon futhi kuzosiza nabadlali ukuthi bazivivinye njengoba sizobhekana nezimbangi ezisezingeni eliphezulu. Sifuna ukuhlola ukuthi abadlali banawo yini amandla engqondo adingekayo ukuze bahlale begxilile yize bengakaze badlale imidlalo yeligi kulo nyaka.”
U-Ellis uthe kumqoka ukuthi bawine i-Africa Women Cup of Nations (Awcon) ezoba se-Morocco ngoNtulikazi ukuze bangene kwi-Fifa Women’s World Cup ezobanjelwa e-Australia nase-New Zealand ngonyaka ozayo.
IBanyana Banyana ibekwe endaweni ka-57 emhlabeni kanti i-Netherlands ibekwe endaweni yesihlanu. Bazobe bephethe umpetha wabo odlalela i-Arsenal Women.
Umholi wabo uRefiloe Jane, odlalela i-AC Milan yase-Italy uzobe engekho emdlalweni weBanyana Banyana.
Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala uthole ukulimala kodwa u-Ellis uzobeka ithemba lakhe kubadlali abafana noJanine van Wyk no-Amanda Dlamini.
IBanyana ivamise ukunikeza imiphumela emihle yize inezinselelo eziningi.
Akungabazeki ukuthi bazobe benethemba lokugwema impinda yokwehluleka kabi kweBafana ebibhekene ne-France, egcine ihlule iNingizimu Afrika ngamagoli amahlanu eqandeni.
IBanyana iqede endaweni yesibili kowe-Awcon ngokudlule futhi izobe inethemba lokuthi lemidlalo enzima izobafundisa ukuthi yini abazobhekana nayo ukuze baphakamise iNdebe yabo yokuqala kowe-Awcon.
Umthombo wesithombe: @Mail&Guardian