Lubhalwe nguMichael Madyira
Elakuleli lizodlala omunye umdlalo wobungani wamazwe ngamazwe futhi lizovakashela e-Serbia ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ye-Fifa yabesifazane yakulo nyaka.
Lo mqhudelwano womhlaba uzosingathwa ngokuhlanganyela i-Australia ne-New Zealand kusukela ngomhlaka-20 kuNtulikazi kuya kumhlaka-20 kuNcwaba.
Kungakapheli nezinyanga ezimbili ibuyile kwi-Turkish Women’s Cup, iBanyana izobhekana ne-Serbia mhla ziyishumi kuMbasa.
Kuzobe kuwumdlalo wesithupha wobungani weqembu likaDesiree Ellis ngaphambi kweNdebe yoMhlaba njengoba selidlale ne-Brazil kabili, kanye ne-Australia, i-Uzbekistan kanye ne-Slovenia.
“Sonke siyazi ukuthi lona unyaka omkhulu ebholeni labesifazane,” kusho u-Ellis etshela abezindaba ze-Safa.
“Uma kumenyezelwa iqembu lokugcina labadlali abangu-23 elizodlala kwiNdebe yoMhlaba ye-Fifa yabesifazane, sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi uma sihlangana nabanye abadlali sikhuphukela kwelinye izinga.
“Konke lokhu kuyingxenye yokuzilungiselela kwethu iNdebe yoMhlaba.”
Ibhekene nompetha base-South America i-Brazil ne-Australia, iBanyana iye yahlulwa kodwa yaphinde yazicosha ngokuhlula i-Uzbekistan yaphinde yadlala ngokulingana ne-Slovenia.
Imiphumela yase-Turkey ibibalulekile ekutheni iqembu lika-Ellis libuyise ukuzethemba.
Manje izobhekana ne-Serbia engeke iye kwiNdebe yoMhlaba kodwa ebekwe i-Fifa endaweni ephezulu kuneqembu lakuleli endaweni yesi-36, kanti iBanyana isendaweni yesi-54.
Ukuwina kuzoqinisa ukuzethemba kanti okwamanje umqeqeshi ugculisekile ngendlela amalungiselelo ahamba ngayo.
“Njengoba sishilo siqala manje ngalokho esihlele ukukwenza kwiNdebe yoMhlaba, kanti kuze kube manje abadlali benze kahle ekhempini yokugcina [e-Turkey] futhi siyethemba ukuthi singakuyisa kwelinye izinga ekhempini ezayo,” esho.
U-Ellis usesiqokile isikwati sakhe sokuqala sabadlali abangu-32 esingenaye umgadli uThembi Kgatkana ngenxa yokulimala.
Abadlali bakuleli abangu-26 bazongena ekhempini ngomhlaka-27 kuNdasa ngaphambi kokuthi bajoyinwe iqembu laphesheya kwezilwandle ngokuhamba kwesikhathi.
Iqembu elizodlala kwiNdebe yoMhlaba lizofulathela elakuleli liye e-Serbia mhla ziyisithupha kuMbasa.
Esithombeni esingenhla: Iqembu lesizwe labesifazane
Umthombo wesithombe: Banyana Banyana