Dylan Bettencourt
Ilungu ngalinye leqembu leBanyana Banyana licebe ngo-R400,000 ngemuva kokuwina i-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon).
Bekuwubusuku obuyingqophamlando kwelakuleli ngesikhathi iBanyana iwina isicoco se-Wafcon okokuqala ngqa.
Lona bekuwumdlalo wamanqamu wesithupha waleli qembu kanti ekugcineni likwazile ukuphakamisa indebe ebibhekwe ngabomvu.
Ukwenza ubusuku bube mnandi nakakhulu, i-South African Football Association (Safa) iphinde yagcizelela ukuthi izosifeza isethembiso sayo sokunikeza umdlali ngamunye u-R400,000.
“Sizokuhlonipha ukuzibophezela kwethu futhi sizobeka okungaphezulu kwalokho etafuleni. Ningakhathazeki ngalokho, uma sifika ekhaya sizohlala phansi siyilungise,” kusho uMengameli we-Safa uDanny Jordaan ngemuva komdlalo wamanqamu.
“Bafanelwe u-R400 000 umuntu ngamunye futhi sizosebenza kanzima ukuze sibanike okungaphezu kwalokho. Bajabulise isizwe ngempela futhi siyaziqhenya kanti kufanele siyibungaze le mpumelelo. Sineqembu elihle kakhulu. Wonke umuntu uvumelana nalokho.”
I-Confederation of African Football (CAF) izophinde inikeze iBanyana amabhonasi ngokuwina kwayo.
Imibiko ithi i-CAF izonikeza abawinile u-R8.4 million, nakuba kungakacaci ukuthi izohlukaniswa kanjani phakathi kwabadlali nabasebenzi.
Ibhola jikelele seligxekwe kakhulu ngemiholo engalingani yabadlali besilisa nabesifazane kanti le nkulumo iphinde yaqubuka ngemuva kokuwina kweBanyana.
Kuthiwa amabhonasi e-Safa kwiBafana Bafana ngesikhathi somqhudelwano we-Afcon abe ngu-R920 000 umdlali ngamunye uma kuwukuthi ibizowina.
Uma kuwukuthi iBafana ibizofinyelela kweyomkhumulahezi ibizonikezwa u-R520 000, u-R120 000 ngaphezu kwemali ezotholwa iBanyana ngokuwina lo mqhudelwano.
Ngokusekelwe emiphumeleni, kuyacaca ukuthi iBanyana yiyona esethubeni elikhulu lokuqhubeka nokuwina izindebe esikhathini esizayo ngesikhathi ozakwabo besilisa belwela ukuhlungela imiqhudelwano.
Yize kube nezingxabano zamabhonasi ngesikhathi iBanyana ingena kulo mqhudelwano iqede lo mqhudelwano imamatheka.
Iqembu licule ladansa ngesikhathi somcimbi wezindondo likhombisa ubuntu ngaphakathi nangaphandle kwenkundla.
Akungatshazwa ukuthi ibhola labesifazane lakuleli lisenendlela ende okufanele liyihambe kodwa umphumela wangoMgqibelo ebusuku uyigxathu elibheke endleleni efanele.
Umqhudelwano olandelayo omkhulu weBanyana kuzoba iNdebe yoMhlaba ye-Fifa ezoba ngonyaka ozayo e-New Zealand kanye nase-Australia.
Umthombo wesithombe: @FIFAWWC