IBanyana izobhekana ne-Zambia kowandulela owamanqamu

Menzi Magubane

IBanyana Banyana idlulele kowandulela owamanqamu we-CAF Women’s Africa Cup of Nations ngemuva kokushaya i-Tunisia ngegoli elilodwa eqandeni e-Morocco ngoLwesine ebusuku.

Amantombazane kaDesiree Ellis azobhekana ne-Zambia ukuze angene kowamanqamu.

IBanyana ibidlala ngokuzimisela kusuka nje esiwombeni sokuqala kanti akuzange kumangaze ngesikhathi ishaya igoli lokuvula. UJamaine Seoposenwe ubeke iBanyana phambili ngomzuzu ka-14 ngemuva kokuthola usizo lukaNomvula Kgoale wasesiswini.

USoposenwe oshaye igoli lakhe lesibili kulo mqhudelwano uphumelele kahle ehlula unozinti uSoulaima Jebrani.

Kumele kushiwo ukuthi iBanyana ebishoda ngabadlali abaningi abahlolelwe i-Covid-19, ibigcwele yonke i-Tunisia futhi ibingawuqeda kalula umdlalo ngesiwombe sokuqala. Ubengekho umpetha wabo uThembi Kgatlana ophumile kulo mqhudelwano ngemuva kokulimala bedlala ne-Botswana ngeSonto.

Ngendlela iBanyana ebidlala ngayo ibuye yakhunjuzwa ukuthi ayidlali yodwa. 

Umgadli wase-Tunisia uLeila Maknoun ubambe iBanyana izulazula ngomzuzu ka-24 wazama ithuba, kodwa unozinti u-Andile Dlamini ubeseyibonile ingozi.

Ngesiwombe sesibili izinto zicishe zabheda kwiBanyana ngemuva kokuthi i-Tunisia inyuse amasokisi ibhekane ngqo nomdlalo. IBanyana iwatholile amathuba amaningi okushaya amagoli, kodwa akuzange kube impumelelo.

Umdlali oshaye into ecokeme nguNoxolo Cesani ophuce amathuba amathathu acacile okushaya amagoli. Bekungelona usuku lwakhe, kodwa ukuphuthelwa kwakhe kukhuthaze abase-Tunisia ukuthi bawusukumele phezulu umdlalo wabo, kodwa bahlulekile ukufaka igoli ohlangothini lweBanyana.

IBanyana kufanele ibonge izihlabani zayo ebezinenhlanhla yokuthi i-Tunisia ayizange inikwe iphenalthi ngomzuzu ka-90 ngesikhathi uBambanani Mbane edlalisa kabi umdlali wase-Tunisia. Unompempe uSalima Makasambana unqume ukungaxoxi ne-Video Assistant Referee yize abase-Tunisia bebefisa enze njalo.

Khonamanjalo ngasekuqaleni kosuku i-Nigeria ibe ngeyesithathu ukuzibekisela indawo kowandulela owamanqamu ngemuva kokushaya i-Cameroon ngegoli elilodwa eqandeni okuyigoli likaRasheedat Ajibade lesi-56. Amanye amaqembu amabili angene kowandulela owamanqamu i-Morocco ne-Zambia.

La maqembu amane azophinde amele i-Afrika eNdebeni Yomhlaba ye-FIFA yonyaka ka-2023 ezosingathwa i-Australia ne-New Zealand.

Izihloko zakamuva