Menzi Magubane
IBanyana Banyana ishaye omakhelwane bayo i-Botswana ngo 1-0 ngeSonto ukugcina irekhodi layo liwu-100% kwi-Women’s Africa Cup of Nations futhi idlulela kuma-quarter-final ale Ndebe.
UNthabiseng Majiya uphule irekhodi ngemuva kwemizuzu engu-80 bebambene ngezihluthu.
Umdlalo udonse isikhathi eside, engekho unozinti osebenze kanzima; IBanyana ibingajahile ukushaya igoli ngoba ibiyazi ukuthi vele isizibekisele indawo kwabayisishiyagalombili abahamba phambili kulo mqhudelwano.
Ngasohlangothini lukaDesiree Ellis, lo mdlalo ubungowokugcina irekhodi labo lokungahlulwa njengoba bephezulu ku-Group C. I-Botswana nayo ayidlalanga ngokuphuthuma, kwazise ibisivele izibekisele indawo emzuliswaneni olandelayo ngaphambi kokuthi umdlalo uqale.
Ngemuva kokuhlula ompetha i-Nigeria emdlalweni wokuqala, iBanyana ibeyizintandokazi ezihamba phambili eqoqweni layo, kanti negama layo bese libalulwa njengeqembu elizophakamisa le ndebe. Bawine amahlandla amabili njengoba benenebula i-Burundi ngo 3-1 ngoLwesine.
Kodwa ama-Super Falcons adlulele phambili ngokuzihlenga ngesikhathi ewina okokuqala emdlalweni olandelayo eshaya i-Botswana ngo 2-0 alphabet kokunenebula i-Burundi ngo 4-0 kanti lokho kuyenze yaqhwakele phezulu eqoqweni layo.
Ukuwina kwabo kusho ukuthi basethubeni lokuvikela isicoco abasiwina beshaya iBanyana ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenalthi kowamanqamu ngo-2018. Amathuba okuthi lo mdlalo uphinde udlalwe kulo nyaka asekhona futhi aqinile.
Kodwa ngaphambi kwalokho iBanyana kuzomele ihlule i-Tunisia kuma-quarter-final. Ukuwina lowo mdlalo kuzovikela indawo yabo kwiNdebe Yomhlaba Ye-FIFA Yabesifazane yango-2023 ezosingathwa ngokuhlanganyela i-Australia ne-New Zealand ngoNtulikazi.
Ukuwina kweBanyana ngeSonto kusho ukuthi izolandela i-Morocco eliwine yonke imidlalo yayo yamaqoqo.
Amaqembu afinyelele kuma-quarterfinal yilawa alandelayo: iBanyana, i-Nigeria, i-Botswana, i-Tunisia, i-Zambia, i-Senegal, i-Morocco kanye ne-Cameroon.
Imidlalo yama-quarterfinal izoqala ngoLwesithathu.