IBanyana izibeke  ethubeni lokuya kuma-Olympics ishaya iTanzania

Lubhalwe nguMichael Madyira

IBanyana Banyana isondele ekutholeni ithikithi lokuya kuma-Olympic Games ka-2024 ngokunqoba ngo 3-0 ekuhambeni e-Tanzania emlenzeni wokuqala womzuliswano wesibili wokuhlungela ngoLwesihlanu.

UJermaine Seoposenwe ushaye igoli emizuzwini eyishumi kuqale umdlalo kulo mqhudelwano ngaphambi kokuthi uThembi Kgatlana afake elesibili ngomzuzu ka-57 e-Azam Sports Complex e-Dar es Salaam.

UHilda Magaia ube eseshaya elesithathu. 

Lo mphumela ushiya i-Tanzania inomsebenzi omningi emlenzeni wesibili ozoba ngoLwesibili eMbombela Stadium, eMpumalanga.

Uma ikwazile ukuvikela ukushaywa kwamagoli yizimbangi, iBanyana izobhekana nozonqoba phakathi kwe-Nigeria ne-Cameroon emzuliswaneni wokugcina wokuhlungela.

NgoLwesihlanu, umqeqeshi waseNingizimu Afrika uDesiree Ellis ukhethe iqembu elijwayele ukuqala, elihlanganisa nabadlali abafana noLinda Motlhalo, umakadebona wasemuva uNoko Matlou, umdlali wasesiswini obuyile uKholosa Biyana noLebohang Ramalepe.

Bekuwusuku lweBanyana njengoba ibonakale zisuka kuthi iwuphethe umdlalo, ikakhulukazi emuva kokuthi uSeoposenwe eshaye into ecokeme ngebhola likaMagaia kwesokunxele.

Iqembu lasekhaya likwazile ukunqanda umonakalo esiwombeni sesibili, lavimba 

izinsongo ebezibheke kubadlali baseNingizimu Afrika.

Akuphelanga sikhathi esingakanani esiwombeni sesibili, uKgatlana wabe udide unozinti we-Tanzania, u-Idrisa Abasi, walifaka phakathi ngosizo lukaNoxolo Cesane.

IBanyana iqhubekile nokubusa kanti nethemba lokuthi i-Tanzania izokwenza kangcono libonakale lifiphala.

UMagaia ube esengcwaba abakhaya ngokuvalela enethini ibhola elidlule kubadlali basemuva be-Tanzania.

Sekusele imizuzu eyisishiyagalombili u-Abasi ukwazile ukuvimba ibhola likaMotlhalo njengoba iBanyana iqhubekile nokufuna ukunqoba okubalulekile okungenza umsebenzi ube lula ngoLwesibili.

Esithombeni esingenhla: Umdlali weBanyana Banyana uLinda Motlhalo ebanga ibhola nabadlali base-Tanzania.

Umthombo wesithombe: Banyana Banyana

Izihloko zakamuva