IBanyana isiqale umkhankaso wama-Olympics

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umkhankaso weBanyana Banyana wokungena kuma-Olympics ka-2024 uyaqhubeka njengoba iqembu selisekhempini. 

INingizimu Afrika ihlela ukuya e-Tanzania ngomhlaka-19 kuNhlolanja emlenzeni wokuqala wemidlalo yokuhlunga ngaphambi kokwamukela i-East Africans ngomhlaka-28 kuNhlolanja.

Ikhempu izoqala ngokuthi onozinti abayisithupha bahlangane ngempelasonto ukuzoqeqeshwa ngaphambi kokuthi abadlali balandele ngoMsombuluko.

“Onozinti bayingxenye ebalulekile yeqembu futhi kwesinye isikhathi abanakwa mayelana nokuqeqesha yingakho senze lekhempu,” kusho umqeqeshi weBanyana uDesiree Ellis etshela abezindaba ze-Safa.

Iligi yasekhaya isazoqala futhi umgomo ka-Ellis ukunyakazisa abadlali bakhe abebeziqeqesha ngaphambi kwesizini namaqembu abo.

“Sisesimweni esifanayo njengoba kwakufanele sidlale ne-Algeria emdlalweni wokugcina wokuhlungela i-Wafcon ka-2022, lapho ebesinamasonto amabili kuphela okuzilungiselela ngaphambi kokuqala kwesizini,” kusho umqeqeshi weBanyana.

“Kodwa-ke kulokhu kuhlukile ngoba siyazilungiselela ngaphambi kokuthi isizini iqale futhi ngiyabonga kakhulu kubo.

“Ikhempu yokuqeqesha ngeyabadlali bakuleli ngoba abadlali abaphesheya kwezilwandle bayadlala njengamanje.”

Iqembu lika-Ellis linabadlali abajwayelekile kanti sekubuye nokaputeni uRefiloe Jane ogcine ukudlala ku-2023 Fifa Women’s World Cup okuyilapho alimala khona.

Kodwa umdlali wasemuva uBambanani Mbane akakadlali ngemuva kokulimala kwakhe eNdebeni yoMhlaba.

Ukudlulela kulo mzuliswano wokuhlunga, iBanyana inqobe i-DR Congo ngamagoli amathathu kwelilodwa sekuhlanganiswe amaphuzu.

IBanyana iye kuma-Olympics ngo-2012 nango-2016 kodwa yaphuthelwa kwawokugcina.

Isithombe esingenhla: IBanyana Banyana ku-2023 Fifa Women’s World Cup.

Umthombo wesithombe: FIFA

Izihloko zakamuva