IBanyana iqophe umlando iguqisa i-Italy

Lubhalwe nguMichael Madyira

IBanyana Banyana iguqise i-Italy ngo 3-2 yaqopha umlando okokuqala ngqa eNdebeni yoMhlaba Yabesifazane ye-FIFA njengoba idlulele emzuliswaneni wamazwe angu-16.

Kube wumzamo omkhulu owenziwe elakuleli e-Wellington Regional Stadium njengoba beqhubekile nokuzimisela ngemuva kwegoli elilodwa elishaywe u-Ariana Caruso ngesikhathi ekhahlela iphenathi ngomzuzu ka-11.

IBanyana ibisazilungselela kanti nomdlalo ubusanda kuqala ngesikhathi uKarabo Dhlamini ekhuba uChiara Beccari engaphakathi nje kwebhokisi kwathi uCaruso wadlala ngokuzimisela wajika uKaylin Swart endaweni yephenathi.

URobyn Moodaly uzamile ukushaya igoli ngomzuzu ka-20 wageja kodwa ompetha base-Afrika bavuke bazicosha. Kumele babonge umdlali we-Italy uBenedetta Orsi ngokubabuyisela emqhudelwaneni wabashayela igoli ngephutha ngomzuzu ka-32.

Kube yisikhathi esimangalisayo njengoba ngemuva komzuzu iBanyana isinde emlonyeni wengwenya ngesikhathi ibhola ebelishaywa uBeccari lishayisa ipali.

Kuyaqala ngqa kulo mqhudelwano ukuthi iBanyana ilandele ngemuva ukushaya igoli kanti kumele ibonge uHildah Magaia odlale ngokuzimisela ngebhola elimangalisayo ebelisuka kuThembi Kgatlana oshaye igoli lakhe lesibili kulo mqhudelwano.

Lokhu kushiye iqembu lika-Ellis nenselelo enkulu yokubambelela ekuholeni, okuyinto elihlulekile ukuyenza ngesikhathi libhekene ne-Sweden ne-Argentina.

Njengoba iBanyana ibisivutha bhe, uKgatlana ubukele uDurante enwebeka ngekhanda wavimba ibhola lakhe ebeliyongena epalini.

I-Italy ibuye ngamandla ngesikhathi uCaruso elinganisa amaphuzu.

Ngosizo lukaThembi Kgatlana, lo mdlali ushaye igoli ngomzuzu wokugcina okwenze isiphetho esimangalisayo somdlalo futhi woholela iqembu lakhe endaweni yesibili ku-Group C.

IBanyana manje izobhekana ne-Netherlands emdlalweni wayo Womjikelezo ka-16 ngeSonto njengoba izojoyina i-Nigeria okuyilona lodwa iqembu lase-Afrika elidlulele esigabeni somkhumulajezi.

Esithombeni esingenhla: IBanyana Banyana igubha ukunqoba

Umthombo wesithombe: Banyana

Izihloko zakamuva