IBanyana ingase iqophe umlando koweNdebe Yomhlaba

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umbhali wezemidlalo

IBanyana Banyana isalelwe umdlalo owodwa ekutheni iqophe umlando kuNdebe Yomhlaba Ye-FIFA Yabesifazane ka-2023.

Njengoba ilungiselela umdlalo wayo wokugcina wesigaba samaqoqo ne-Italy e-Wellington inhloko-dolobha yase-New Zealand namhlanje, leli qembu lihlalelwe ukuqopha amarekhodi amabili ahlaba umxhwele.

Okokuqala, ukuhlula i-Italy kuzoholela ekutheni iBanyana Banyana inqobe okokuqala ngqa emqhudelwaneni Wendebe Yomhlaba Yabesifazane.

Okwesibili, ukunqoba kuzophinde kubenze babe yiqembu lokuqala laseNingizimu Afrika ukungena esigabeni somkhumulajezi eNdebeni Yomhlaba.

Kuzobe kunguwafa wafa emdlalweni ozonquma ku-Group G phakathi kweBanyana ne-Italy ekutheni yiliphi iqembu elizojoyina i-Sweden njengabadlali ababili abahlungela iqembu.

Inselelo enkulu yeBanyana Banyana ukugcina izinga layo lokudlala kuyo yonke imizuzu engu-90. Iqembu belihamba phambili uma liqathaniswa ne-Sweden ne-Argentina kodwa baliyeka lashelela lelo thuba.

UHildah Magaia, isihlabani somgadli weqembu uzothile futhi uyazethemba ngaphambi komdlalo obalulekile.

Ezingxoxweni, ugcizelela ubumbano lweqembu nokukholelwa emakhonweni alo ethi ukunamathela emaqhingeni alo nokudlala njengeqembu elihlangene kuzobaluleka kakhulu ukuze baphumelele.

Ngenkathi i-Italy ihlula i-Argentina into iBanyana Banyana ehlulekile ukuyenza, baphinde bahlulwa futhi ngesikhathi bebhekene ne-Sweden.

Ithimba lilindele ngabomvu ukubuya kukaRefiloe Jane, okusazocaciswa udokotela weqembu uDkt Nthabiseng Maesela.

Ngaphandle kokulimala kukaJane, iqembu lisemoyeni omuhle futhi liwulungele ngokuphelele umdlalo wokugcina.

Umphumela womdlalo ne-Italy ngeke ugcine nje ngokucacisa inqubekelaphambili esheshayo yeBanyana Banyana emqhudelwaneni kodwa uzophinde ulolonge izinjongo zesikhathi esizayo zeqembu ebholeni lamazwe ngamazwe.

Ukunqoba kuzosho ukukhuphuka okuqhubekayo okuya empumelelweni kanti ukuhlulwa kuzochaza ukuthi kuzodingeka ukuhlelwa kabusha kwemigomo yabo yesikhathi esizayo.

Esithombeni esingenhla: IBanyana Banyana

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva