IBanyana iguqise i-Morocco ngale kweziphazamiso

Menzi Magubane

Abalandeli be-Morocco yibona abahlulwe kakhulu kowamanqamu we-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) ngoMgqibelo ngesikhathi besebenzisa ama-laser ukuzama ukuphazamisa abadlali beBanyana.

Endleleni yokuqokwa njengabesifazane abahamba phambili ebholeni lase-Afrika, iqembu lakuleli kudingeke ukuthi libekezelele isigxuki esesabekayo sabalandeli be-Morocco abangaphezu kuka-58,000.

Abanye balaba bazame ukunika uhlangothi lwabo ithuba ngokukhomba ama-laser akhanyayo emehlweni abadlali beBanyana.

Ukwenza izinto zibe zimbi nakakhulu, abalandeli basebenzise ama-flares ukudala intuthu enkundleni ukuze abadlali bengaboni kahle.

Kodwa amantombazane kaDesiree Ellis awazange aphazanyiswe yiwo wonke amaqhinga angcolile njengoba ekwazile ukuthulisa abalandeli abangalawuleki ngesikhathi enenebula i-Morocco ngo 2-1.

Ngosuku olwandulela umdlalo wamanqamu uMengameli we-CAF uPatrice Motsepe, uxwayise abalandeli base-Morocco ukuthi bengawasebenzisi ama-laser bewabhekise kwiBanyana, wasabisa labo abakwenzayo.

Kuyacaca ukuthi isexwayiso sikaMotsepe asizange sizwakale kwabase-Morocco.

“Ngeke sikuvumele ukuthi kusetshenziswe ama-laser ikakhulukazi uma ebhekiswe kubadlali bamaqembu aphikisayo. Akwamukelekile, ngakho kuzomele sibheke imithetho yethu,” kusho uMotsepe.

“Uma iziphathimandla zase-Morocco zingakwazi ukusukumela lolu daba kumele sixoxisane nazo sibone ukuthi singabhekana kanjani nalokhu. Kuyinto engavumelekile ebholeni.

Sekujwayelekile e-Morocco kanye nase-Egypt ukubona abalandeli besebenzisa ama-laser bewabhekise kubadlali bamaqembu aphikisayo ikakhulukazi emidlalweni yasebusuku futhi akukho mnyakazo othathwayo.

Sekulindelwe ukubona ukuthi uMotsepe uzothatha zinyathelo ezinjani mayelana nabalandeli base-Morocco abebevele bexwayiswe ngaphambi komdlalo wamanqamu ngoMgqibelo. Kodwa izinto sezizoshintsha njengoba uMotsepe ephethe ibhola lase-Afrika.

Umthombo wesithombe: @CAFWomen

Izihloko zakamuva