IBanyana ibhuquzise i-Uzbekistan 

Lubhalwe nguMichael Madyira

IBanyana Banyana ibhaxabule i-Uzbekistan ngamagoli amathathu eqandeni kwi-Turkish Women’s Cup e-Emirhan Sports Complex e-Turkey, ngoMgqibelo ebusuku.

Amalungiselelo eNdebe Yomhlaba Ye-FIFA Yabesifazane ka-2023 abe nzima kakhulu kuleli kulandela ukuhlulwa kanzima i-Brazil ne-Australia.

Njengoba ukubhaxabulwa kwabo kubehlise imimoya ngaphambi kweNdebe Yomhlaba enenselelo enkulu, amantombazane ka-Desiree Ellis azinikeze okuthile angajabula ngakho ngokunqoba okumangalisayo ngoMgqibelo.

Amagoli esiwombe sokuqala kaJermaine Seoposenwe noNoxolo Cesane no-Tojiddinova Shokhida wase-Uzbekistan okuwumkhonto ogwaze ekhaya asakhile isixazululo somdlalo.

“Sisazama ukuhlala siqotho kulokho esiyikho,” kusho u-Ellis kwabezindaba ze-Safa ngemuva komdlalo.

“Siyazi ukuthi amandla kumele siwakhiphe wonke uma sisenkundleni, kodwa siphinde sisebenze kwezinye izinto futhi silungiselela iNdebe yoMhlaba.”

Ompetha base-Afrika bebelokhu bephatheka kabi ngokuhlulwa kwabo, kodwa kulokhu badlale ngokuzimisela okukhulu.

Ukunqoba kwabo i-Uzbekistan, engompetha base-Central Asian kudwebe umugqa ngokuhlulwa ngamagoli amathathu eqandeni kanye namagoli ayisithupha eqandeni kulandelana ngesikhath bebhekene ne-Brazil emidlalweni yobungani yangoMandulo nyakenye.

Ngemuva kwalokho iBanyana yadlulela e-London komunye umdlalo wobungani ne-Australia yahlulwa ngamagoli amane kwelilodwa. 

Ukuhlulwa ngamagoli amaningi kanjalo nokuzabalaza ekuhlaseleni kube ukuphaphama obekufanele ekuhloleni ukulungela kwabo iNdebe yoMhlaba.

“Sibheka ezinye zalezo zinto futhi sikwenza lokho ngesikhathi soguquko sihlela ngokuzivikela futhi siqinisekisa ukuthi sihlala sihlangene,” kusho u-Ellis.

“Uma sithola ithuba kufanele siziqeqeshe thina futhi lezo ngezinye zezinto esizilungisayo.”

INdebe yoMhlaba ka-2019 ebise-France ngomdlalo wabo wokuqala kulo mqhudelwano lapho abahlulwa khona ngamagoli amathathu kwelilodwa i-Spain base beguqiswa i-China ngegoli elilodwa eqandeni ngaphambi kokuthi i-Germany ibashaye ngamagoli amane eqandeni.

“Ngicabanga ukuthi igoli elilodwa esalishaya ngeNdebe yoMhlaba ngo-2019 likhombisile esikwaziyo ukukwenza, kodwa kusobala ukuthi kufanele sithathe amagxathu ambalwa sinyuse izinga,” kwengeza u-Ellis.

“Akuzona zonke izinto ezizokwenzeka ngendlela esibheke ngayo, kodwa siyazi ukuthi yini esingayenza.

Silungiselela esifuna ukukwenza eNdebeni yoMhlaba.”

INdebe Yomhlaba ka-2023 izosingathwa ngokuhlanganyela i-Australia ne-New Zealand kusukela ngomhlaka-20 ngoNtulikazi kuya kumhlaka-20 kuNcwaba.

IBanyana iku-Group G ne-Sweden, i-Argentina ne-Italy, kodwa ngoLwesibili izodlala omunye umdlalo we-Turkish Cup ne-Slovenia.

Isithombe esingenhla: IBanyana Banyana e-Turkey

Umthombo wesithombe: Banyana Banyana

Izihloko zakamuva