IBanyana Banyana koweNdebe Yabesifazane 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Uhambo lweBanyana Banyana oluya e-Turkey kwiNdebe Yabesifazane Yase-Turkey luthole izibusiso zenhlangano ephethe ibhola emhlabeni i-Fifa.

Kuke kwaba nokungabaza ngalomqhudelwano ngesonto eledlule kulandela ukuzamazama komhlaba okubi kakhulu okuhlasele i-Turkey nezinye izingxenye zase-Syria, nokuholele ekumisweni okwesikhashana kwezemidlalo.

Kodwa kubikwa ukuthi i-Fifa ivumele ukuqhubeka kwalo mqhudelwano. Bekuzodlala amaqembu esizwe angu-12, kodwa abasingethe imidlalo, i-Venezuela kanye ne-Jordan sebephumile.

UDesiree Ellis neqembu lakhe bafike ezweni lase-Turkey ngoLwesithathu ukuzodlala kulo mqhudelwano obekuhlelwe ukuthi uqale ngoMsombuluko.

“I-South African Football Association ixoxisane nabaningi ngaphambi kokuvumela iBanyana Banyana ukuthi iye e-Turkey,” kusho i-SAFA esitatimendeni.

“Lokhu kulandela ukuzamazama komhlaba okudale umonakalo omkhulu kwashona abantu abaningi, abanye balimala kakhulu futhi kubikwa nokuthi kukhona nabasadukile e-Turkey nase-Syria engumakhelwane.  Inhlangano ephethe ibhola emhlabeni i-Fifa iphinde yanikeza imvume yokuqhubeka kwalo mqhudelwano encwadini ebhalelwe bonke ababambe iqhaza mhla ziyishumi kuNhlolanja 2023.”

IBanyana izodlala umdlalo wayo wokuqala ne-Uzbekistan ngoMgqibelo.

Eminye imidlalo kuzofanele ihlelwe kabusha futhi elakuleli lizothola izimbangi ezimbili ezintsha kwabanye abazobamba iqhaza okubalwa i-Bulgaria, i-Estonia, i-Kosovo, i-Hong Kong, i-North Macedonia, i-Slovenia ne-Zambia.

INdebe yabesifazane yase-Turkey izodlalelwa e-Antalya engazange ithinteke ngesikhathi kuzamazama umhlaba.

IBanyana izosebenzisa lo mqhudelwano ukulungiselela iNdebe yoMhlaba ka-2023 ye-Fifa ezosingathwa ngokuhlanganyela kwe-Australia ne-New Zealand kusukela ngomhlaka-20  kuNtulikazi kuya kumhlaka-20 kuNcwaba.

Elakuleli liku-Group G kanye ne-Italy, i-Argentina ne-Sweden kanti lokhu kuzobe kungokwesibili bebonakala eNdebeni yoMhlaba.

Isithombe esingenhla: Abadlali beBanyana bezilolonga

Umthombo wesithombe: Banyana Banyana

Izihloko zakamuva