Ibanjwe oqotsheni ne-cocaine engu-200kg iMeya yase-Niger

Dylan Bettencourt

IMeya yase-Niger kanye nomshayeli wakhe babanjwe ngamaphoyisa endawo bephethe inani le-cocaine engu-200kg emotweni ebebehamba ngayo ezingxenyeni ezisenyakatho yezwe.

Amaphoyisa awakakawadaluli amagama abasolwa ababili, kodwa imibiko iveza ukuthi imeya nomshayeli wakhe bebehambisa lesi sidakamizwa e-Libya ngemuva kokungeniswa kwe-cocaine e-Niger isuka ezweni lase-Mali.

Isikhungo esisebenza ngezidakamizwa e-Niger sithe kuyaqala ukuthi kutholakale izidakamizwa zenani elikhulu kangaka emlandweni wezwe njengoba izindaba zokushushumbiswa kwezidakamizwa kanye nokuboshwa kwamaphoyisa sekuyinto evame ukwenzeka.

Ihhovisi le-African Nations Central Office for the Repression of Illicit Drug Trafficking (i-OCRTIS) lithe babikelwe ngesigameko sokushushumbiswa kwezidakamizwa base beqala ukulandela umkhondo ngaphambi kokulandela umkhondo wemoto.

“Uphenyo luholele ekutheni kushaqwe izikhwama zezidakamizwa zohlobo lwe-cocaine ezingu-199 ezinesisindo esingu-214kg ngomhlaka-2 kuMasingana – emotweni yehhovisi lemeya e-Fachi,” kusho okhulumela i-OCRTIS uNana Aichatou Ousmane Bako.

Imeya nomshayeli bathathwe bahanjiswa e-Niamey, inhloko-dolobha yase-Niger, beyophenywa.

“Kungokokuqala ukuthi izwe lethu libambe inqwaba engaka ye-cocaine,” kusho uBako, owengeze ngokuthi kungenzeka ukuthi lezi zidakamizwa zibheke e-Europe lapho ezibiza inani elilinganiselwa ku-R254 million.

I-Fachi, indawo okwamiswa kuyo imoto, iyindawo ewugwadule olucishe lube ngu-400km. Kanti iyisifunda esisetshenziselwa ukushushumbiswa kwezidakamizwa, ikakhulukazi izidakamizwa ezishushumbiswa phakathi kweNingizimu neMelika kanye naseYurophu. Phambilini lomzila ubusetshenziselwa ukushushumbisa abantu bokufika.

Kuyimanje iNtshonalanga Afrika iyisifunda esidume ngokushushumbiswa kwezidakamizwa njengoba iNhlangano Yezizwe (i-UN) ithi okungenani amathani angu-50 e-cocaine abiza u-R31 billion ashushumbiswa emazweni aseNtshonalanga Afrika minyaka yonke.

Umthombo wesithombe: @BBC

Izihloko zakamuva