Ibanjiwe ingwe ebizulazula emphakathini

Lubhalwe nguKhaya Ndaba

Ingabe amabhubesi ayakwazi ukuzulazula emigwaqeni yaseMzansi? Cha, kodwa izingwe ziyakwazi ukuzicanasela!

Ingwe ibuyiselwe endaweni ephephile ngemuva kokudedelwa ngephutha emcimbini obuseGoli.

Akukapheli ngisho inyanga kusanda kukhulunywa ngengwe uSheba elethe ukwesaba esifundeni esincane sabalimi sase-Walkerville futhi igcine ibulewe ngenxa yokuphepha kwabantu. Kodwa kubukeka sengathi enye ingwe iphunyukile endaweni ehlala kuyo kanti lokho kwethuse umphakathi wase-Eastleigh, endaweni yase-Edenvale.

Namuhla ngehora lesihlanu ekuseni ingwe ibonakale kwikhamera ye-CCTV endaweni yase-Eastleigh Ridge nase-Greenstone iphinde yadlula ngasesikoleni kanye nakwelinye ibhizinisi. Ngokusobala ingwe esencane igqashuke ngesikhathi umnikazi wayo ehluleka ukuvala indawo ephephile ngemuva kwephathi.

I-SPCA ibikule ndawo futhi ixwayise izakhamizi ukuba zihambele kude nalengwe ziphinde zigcine izilwane ezifuywayo endlini ukuze zigweme ukuthi kungabikhona ukungqubuzana.

Kutshalwe inkampani yonogada ezimele, abendawo yokulondoloza imvelo kazwelonke kanye ne-SAPS ukuze ibanjwe.

Ngokuhamba kosuku konke kuhamba kahle ekugcineni, ngokusho kuka-Ann Makgato okhulumela i-EMPD: “Inkampani yonogada isize ekutholeni ingwe e-Edenvale. Isilwane silalisiwe sayiswa endaweni ephephile ukuze sigcinwe.”

Ingwe ibanjwe i-S.W.A.T. SOS 24/7 Security Company cishe ngehora leshumi ekuseni kanti lokhu kujabulisa izakhamuzi.

Izihloko zakamuva