Ibandla lisakazeke indlu yesonto ngesikhathi umyeni edubula unkosikazi washona

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Abazalwane bebandla laseMakonde Shadani eThohoyandou, eLimpopo basakazeke nendlu yesonto bezama ukuphephisa izimpilo zabo ngesikhathi owesifazane (45) edutshulwa umyeni wakhe enkonzweni ngoMgqibelo ebusuku washonela endaweni yesigameko.

Umsolwa ungene esontweni ngesikhathi ibandla likhonza, wasondela kunkosikazi wakhe wamdubula kaningi engasho lutho.

Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo uColonel Malesela Ledwaba uthe isisulu sishonele endaweni yesigameko.

“Umsolwa okungaziwa iminyaka yakhe ubalekile endaweni yesigameko ngemoto yohlobo lweToyota Corolla empunga (silver-grey).

“Yize ingakacaci imbangela yalesi sigameko, udlame lwasekhaya angeke lukhishwe eceleni,” usho kanje.

UKhomishana wamaPhoyisa eLimpopo uLieutenant-General Thembi Hadebe usigxekile isigameko sokudubula wacela amaphoyisa ukuthi alandele umkhondo ngokushesha ukuze abophe umsolwa.

Isithombe esingenhla: Indawo yesigameko.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva