Dylan Bettencourt
Ibalelwa kwizigidi eziyi-120 imali entshontshiwe ngesikhathi abantu bezitapela e-Gauteng naKwaZulu-Natali ngenyanga edlule.
Ibhange laseNingizimu Afrika (i-Sabric) lithe ama-ATM ayizi-1,227 namabhange angama-310 okuthathwe kuwo imali aphinde acekelwa phansi ngesikhathi kusuka udlame lokuzitapela mhla zi-9-17 kuNtulikazi.
UNischal Mewalall ongumphathi we-Sabric uthe yonke imali ethathiwe inodayi bese kuthi izigidi ezingasetshenziswanga zizobuyela emuva ziyofakwa emalini esiza umnotho. Le mali itholwe ngobugebengu futhi sekunomubango wokuthi lemali sekumele ixhase ubugebengu obuhleliwe, nenkohlakalo, nokukhohliswa kwezikhulu kanye nokuthuthukisa okungekona ubulungiswa.
Ukulungisa amabhange abawacekele phansi kuzofuneka inani lemali ebelingalindelekile.
Ukulungisa i-ATM eyodwa kungathatha imali eyizi-385,000, ngokusho kwe-Banking Association yaseNingizimu Afrika (i-BASA). Ukulungisa ama-ATM angama-36 asusiwe ezindaweni akuzo kungabiza imali eyizigidi ezi-13.8.
Kulama-ATM ayizi-1,.227 acekelwe phansi angama-256 avulwe ngendluzula bese kuthi izindawo zamabhange ezingama-82 nazo zicekelwe phansi.
Uma ngabe wonke ama-ATM acekelwe phansi ezolungiswa kuzobiza izigidi ezi-100 imali efanayo nale ethathiwe.
Umthombo wesithombe: @HeraldLIVE