Lubhalwe nguRorisang Modiba
Isikhulu se-SABC uNomsa Chabeli utshele iPhalamende ukuthi inkontileka neBakwena Productions isayiniwe, kodwa inkampani ithi lokho akulona iqiniso.
IBakwena Productions isolwa nangokukweleta abasebenzi abanye abangakakhokhelwa namanje.
Isikhulu se-SABC uNomsa Chabeli siyagxekwa ngemuva kokusho encwadini ayibhalele iPhalamende ukuthi isivumelwano sikamabonakude neBakwena Productions sisayiniwe kodwa inkampani ithi lokho akulona iqiniso.
UKagiso Modupe, ongomunye wabanikazi beBakwena, uthe: “Inkontileka besingakayitholi, asazi ukuthi ziphumaphi izindaba zokuthi sesisayinile.
Kuthiwani uma singasitholi isivumelwano ngenxa yalokhu?”
UModupe nozakwabo kwezamabhizinisi uRashaka Muofhe bathi badlulise umbono kwa-SABC kuphela kanti ayikho inkontileka esayiniwe.
Okubi kakhulu ukuthi le nkampani isivele igxekwa ngokungakhokheli bonke abantu abebesebenza ohlelweni lwayo lwaphambilini, i-Pound 4 Pound.
IBakwena ithi ikhokhele wonke umuntu ngomhlaka-28 kuZibandlela, kodwa lokho kuthinta abalingisi kuphela. Abasebenzi nabahlinzeki basalindile.
USipho Hlatshwayo oqashisa ngezimoto aphinde ashayelele abalingisi, utshele i-Sunday World ukuthi: “Bangikweleta imali engaphezu kuka-R140 000. Ngazama ukucela imali yami, kodwa uRashaka wavele wakhombisa ukuyishaya indiva eyami, ngathuka kwaphela nasozwaneni ngesikhathi bedlala i-podcast bethi sebekhokhele wonke umuntu.”
U-Owen Mthembu, owasiza ekutholeni izindawo, uthe: “Ngafonela uKagiso ngemuva kokubona lo mdlalo ngambuza ukuthi kungani eqamba amanga, wangiqhoshela wathi ngeke aphinde asebenze nami.”
Umnikazi wendlu yezivakashi naye uthe uRashaka ubazibile ngemuva kokuthi bacele imali yabo.
Ngesikhathi i-Sunday World icela ukuphawula, iBakwena ithe leli phephandaba alizange lihlole amaqiniso alo.
Kodwa leli phephandaba lithi lizame kaningi ukuthola impendulo iBakwena yanqaba.
Le nkampani iphinde yathi isineminyaka eyishumi ikhona, kodwa amarekhodi abonisa ukuthi iBakwena Productions Media Group yabhaliswa ngoNcwaba ka-2024.
UModupe noMuofhe basohlwini njengabaqondisi benkampani.
Ebuzwa ngodaba,okhulumela i-SABC uMmoni Ngubane uthe: “I-SABC neBakwena Productions bayakuqinisekisa ukuthi kumanje basebenzisana nohlelo olusha oluzokhonjiswa ku-SABC2 ngoNcwaba ka-2025.
UMuofhe noModupe abazange bayiphendule imibuzo emisha.
I-Sunday World nayo izamile ukubathola kodwa yahluleka.
Osesithombeni esingenhla: UNomsa Chabeli
Umthombo wesithombe: Ifayela