IBafana yenza amalungiselelo okugcina njengoba izobhekana neBlack Stars

Menzi Magubane

IBafana Bafana yenza amalungiselelo ayo okugcina njengoba izobhekana neGhana e-FNB Stadium ngehora le-6 ntambama ngoLwesine emdlalweni wayo wokuhlungela i-Africa Cup of Nations Group C.

Umdlali wasesiswini uBongani Zungu uzophuthelwa umdlalo ngenxa yemikhawulo yokuhamba yase-Scotland. Iqembu lakhe, iRanger alizange limkhulule ngemuva kokuthi i-FIFA ivumele amakilabhu ukuthi enqabe ukudedela abadlali abazodlala eqenjini lesizwe.

“Ngeke ngikwazi ukuya eNingizimu Afrika ukuyomela izwe lami. Ngibafisela inhlanhla abafana,” kusho uZungu ekhasini lakhe le-Twitter.

Izindaba ezimnandi ukuthi uZungu, owake wadlalela iMamelodi Sundowns uzoba khona emdlalweni wokugcina ka-Group C uma sebebhekene neSudan e-Khartoum ngeSonto.

“UZungu uqinisekisiwe ukuthi uzoba khona,” kusho udokotela weqembu leBafana, uThulani Ngwenya.

Uthe, uThulani Serero kanye noDean Furman nabo bayaqinisekiswa ukuthi bazoba khona.

Ekhuluma ne-TimesLive mayelana noKeagan Dolly, uNgwenya uthe: “Sisenethemba futhi kunezingxoxo ezenzekayo.”

UNgwenya uthe, bazozama ukuthi iziphathimandla zase-France zikhulule umdlali wase-Montpellier ukuze akwazi ukudlala kulo mdlalo ose-Khartoum.

IBafana akusilona kuphela iqembu elihlushwe yisinqumo se-FIFA. IGhana nayo izobe ingenabo abadlali bayo baphesheya kwezilwandle.

Amagama abadlali abazobe bengekho kubalwa ukaputeni u-Andre Ayew we-Swansea City kanye nomfowabo uJordani we-Crystal Palace. Umdlali wasesiswini we-Arsenal uThomas Partey naye naye uzophuthwa umdlalo wabo neBafana.

IBafana yagcina ukudlala ne-Black Stars ngoLwezi kowe-2019 emlenzeni wokuqala weqembu e-Ghana.

IGhana yawunqoba lowo mdlalo ngamabili eqandeni kanti iBafana ingathanda ukuziphindiselela ngoLwesine bese inyukela esicongweni futhi ibe isondela ekungeneleni ukuyodlala e-Cameroon ngonyaka ozayo.

Umthombo wesithombe: @paybet

Izihloko zakamuva